Arthur Greene
Bayaveva abantu baseNetherlands ngemuva kokuvela ukuthi ibhuloho eliyingqophamlando e-Rotterdam lizosuswa ukuze kuvuleleke isikebhe esisha sikasozigidi uJeff Bezos.
UBezos, ongumsunguli we-Amazon futhi ongomunye wabantu abacebe kakhulu emhlabeni, usanda kuxhasa ngezimali ukwakhiwa kwesikebhe esikhulu kunazo zonke emhlabeni.
Isikebhe esingamamitha angu-127 ubude sizoba sikhulu kakhulu ukuthi singahamba ngaphansi kwe-Bhuloho elidumile lase-Rotterdam i-Koningshaven ukuze sifinyelele olwandle.
Ngakho-ke ingxenye emaphakathi nebhuloho, elaqala ukwakhiwa ngo-1877, izosuswa okwesikhashana ukuze i-yacht engamamitha angu-40 ubude ikwazi ukungena kuyo.
“Le yiyona kuphela indlela eya olwandle,” kusho okhulumela imeya yedolobha etshela abezindaba zendawo.
Lezi zindaba zicasule abantu abaningi base-Rotterdam, ababiza i-Koningshaven Bridge nge-De Hef.
“Lo mlisa uthole imali yakhe ngokucindezela abasebenzi, ukubalekela intela noma imithetho manje sekumele sidilize ibhuloho lethu elihle eliyisikhumbuzo sesizwe? Cha kubonakala sengathi ugagamele kakhulu,” kubhala usopolitiki wendawo uStephan Leewis ku-Twitter.
Njengoba uBezos ematasa ediliza amabhuloho anomlando ukuze avulele isikebhe sakhe indlela, owayengunkosikazi wakhe uMacKenzie Scott uzakhela udumo ngokuba umuntu othuthukisa inhlalakahle yabanye emhlabeni.
Isehlukaniso sikaScott noBezos asibange sihle njengoba sasabalala ezinkundleni ngo-2019. Kusukela lapho, uScott ubelokhu enikela ingcebo yakhe kwabaswele, “ngenani elingakaze libonwe”.
Kusukela ngo-2019, cishe unikele ngemali engu-$8.6 billion ezinhlanganweni ezicishe zibe ngu-800. Lezi zinhlangano zibhekelela ukulingana kobulili, ubulungiswa bobuhlanga kanye nempilo yomphakathi.
Kanti futhi kubikwa ukuthi isikebhe sikaBezos sizoba nendawo yayo yokwethula indiza enophephela emhlane.