Ubezama ukuxhuma ugesi, kodwa washonela ebumnyameni

Lungani Zungu

UMandla Ngcobo wayazi ukuthi wayedlala ngomlilo ngesikhathi ezama ukuxhuma ugesi ngokungemthetho – okugcine kumlahlekisela ngempilo yakhe. Le ndoda eneminyaka engama-33 ubudala yaseMlazi ishawe ugesi ngoLwesine.

Udadewabo oyisangoma, uNtombi Ngcobo utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi: “Ngiphatheke kabi ngokulahlekelwa ngumfowethu kanjena. Ubengumuntu obeziphethe kahle. Wonke umuntu ubemthanda.”

Lo dade ososizini uthe, sekuphele iminyaka engaphezu kwama-20 behlala kwa-T eMlazi kodwa namanje abanawo ugesi.

“Manje umfowethu useshonile,” kusho uNtombi.

Uthe, ukube bebenogesi bebengeke bawuxhume ngokungemthetho ezigxotsheni zomgwaqo.

Umngani kaMandla, uLindani Mkhize uthe, ngoLwesine ebusuku uMandla ubuye emsebenzini, wafikela egumbini elimnyama ngoba ugesi ubucishiwe.

“Uzamile ukuwuxhuma kodwa wamshaya ugesi,” kusho uLindani.

“Sizame konke esingakwenza ukumvusa kodwa ubeshe kakhulu.”

ULindani uthe, uMandla ubengumqeqeshi weqembu lebhola lasekhaya alisungula ngowezi-2018.

“Ubethanda ukubona abanye abantu benza kahle empilweni, ikakhulukazi abangani bakhe.”

Umakhelwane kaMandla, uSifiso Zwane uthe, ubehlela amamashi ukuze babhikishele ukungabi khona kokulethwa kwezidingo okubalwa ugesi namanzi.

“Ubengomunye wabantu abahlale bephambili,” kusho uSifiso.

Omunye umakhelwane uthe, banethemba lokuthi ukushona kwakhe kuzoholela empilweni engcono yabantu bonke uma kufakwa ugesi.

Amaphoyisa asiqinisekisile lesi sigameko, athi kuvulwe idokodo ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

UMandla ushiya ngemuva amadodakazi amabili aneminyaka emihlanu neneminyaka eyisikhombisa.

UMasipala weTheku ukhiphe isexwayiso kubahlali abaqhubeka nokuxhuma ugesi ngokungemthetho, wathi ukuxhunywa ngokungemthetho kukagesi ngeke kubekezelelwe.

Izihloko zakamuva