Isikhulu sengqephu e-Hong Kong silahlekelwe imali engaphezu kuka-R13.5 million nge-Bitcoin ngemuva kokuthi abaqola abantu imali bemenze akholwe ukuthi uthenga ikati.
Iphini likaMengameli wenkampani yemfashini e-Hong Kong (58) lixhumane nomuntu obephisana ngekati elinezinyanga ezintathu ubudala, kubika i-South Morning Post ngoLwesithathu.
Iphini likaMengameli laxhumana nalo muntu ongadalulwanga igama ngoMbasa badlulisela ukuxhumana kwabo ku-WhatsApp ngesikhathi beqhubeka nokwenza isivumelwano.
Isikhulu sithi satshelwa ukuthi singathola izinyane lekati mahhala, kodwa kwadingeka ukuthi sikhokhele imali yokuthutha kanye nomshwalense nge-cryptocurrency.
Lona wesifazane owayenganakile akasibonanga isizathu sokungakwenzi lokho wabe esethumela imali kwabaqola abantu.
Abaqola abantu imali babe sebemtshela ukuthi ikati lishone kabuhlungu lisendleleni eya e-Hong Kong.
Lona wesifazane wabe esethintwa ngomunye ongadalulwanga igama ezenza umsebenzi wasebhange langaphandle. Bamtshela ukuthi umshwalense olinganiselwa ku-R2.6 million ngokufa kwekati uzokhokhelwa yena njengesinxephezelo.
Kodwa kwakukhona into eyodwa nje okwakumele ayenze – ukuthumela imali yokuqalisa uhlelo.
Bekuvele sekwephuzile ngesikhathi ebona ukuthi konke lokhu kwakuwumkhonyovu, imali elinganiselwa ku-R13.5 million ye-cryptocurrency yathunyelwa yonke kulaba abaqola abantu imali.
NgoMasingana isikhulu sabika icala emaphoyiseni kodwa besesivele sesithumele imali kwi-Bitcoin amahlandla angu-40 phakathi kukaNtulikazi noLwezi.
Akekho osaboshiwe mayelana naleli cala.
Luhlanganiswe nguMashudu Mabila
Esithombeni esingenhla: Ikati
Umthombo wesithombe: Pexels