UBenzema ubuyile ukuzosiza i-Real Madrid ukuthi yedlule ku-last 16

Menzi Magubane

NgoLwesibili ebusuku, i-Real Madrid izofuna ukugwema ihlazo eliphindiwe lokususwa ku-last 16 ye-UEFA Champions League, njengoba benzile kumasizini amabili edlule.

NgoLwesibili bamukela ijezi lase-Italy i-Atalanta e-Estadio Alfredo di Stefano e-Spain ngo-10 ebusuku. Abaphumelele amahlandla ayi-13 kwi-Champions League bahlulekile ukudlula ku-last 16 emikhankasweni yabo emibili edlule ngesikhathi bekhishwa yi-Ajax Amsterdam ne-Manchester City.

Kakade kule sizini izigaba ze-last 16 ezedlule sezibonile imidondoshiya emibili yaseYurophu idla ophaya abathobekile. I-Juventus ne-Barcelona bakhishiwe futhi i-Los Blancos ayifuni ukulandela.

Ukuhola okuncane ngegoli elilodwa eqandeni abakuthathe e-Italy ngoNhlolanja kungasiza abafana bakaZinedine Zidane.

I-Real yamukela umdlali wayo oyisihlabani uKarim Benzema obengekho emlenzeni wokuqala ngenxa yokulimala. Umlingani wakhe wesiteleka uVinicius Junior ukhulume kahle ngale ndoda yase-France.

“UKarim uyamangalisa. Bengingumlandeli wakhe kusukela ngisadlala e-Brazil futhi ngibuka imidlalo yakhe,” kusho uVinicius.

“Ungumgadli ohamba phambili njengamanje. Ukudlala noKarim into enhle kimi. Kufana nokuba nesithixo njalo eduze nami. Ngiyamsiza kakhulu futhi uyangisiza kakhulu.”

Omunye umdlalo we-Champions League ngoLwesibili i-Manchester City izokwamukela i-Borussia M’gladbach e-Etihad Stadium ngo-10 ebusuku. I-City ihola phambili kahle ngamagoli amabili eqandeni emlenzeni wokuqala odlalelwe e-Germany.

Isithombe: @Madridxtra

Izihloko zakamuva