UBenni McCarthy uwine indondo ye-Coach of the Year ku-PSL

Menzi Magubane

Eminyakeni engama-43, uBenni McCarthy ungumqeqeshi omncane kunabo bonke owake wathola indondo ye-Coach of the Season ku-Premier Soccer League.

NgeSonto ebusuku uMcCarthy uhlule abaqeqeshi beMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi noRhulani Mokwena, kanye noMandla Ncikazi weGolden Arrows.

Lo mdlali ohola phambili ngamagoli kuBafana Bafana uthathe umsebenzi woSuthu ku-Ayanda Dlamini, owehle esikhundleni ngoZibandlela odlule. UMcCarthy uwasize kakhulu AmaZulu ngemuva kokuwaholela emlandweni wokuqeda endaweni yesibili kwi-DStv Premiership.

AmaZulu aqoqe amaphuzu angama-54, okuyinto angakaze ayenze phambilini, nokuzibekisele indawo ebholeni le-CAF Champions League ngesizini ezayo.

Kule sizini, iqembu liphinde ladlala imidlalo eyi-11 lingahlulwa. UMcCarthy uwine izindondo ezimbili ze-Coach of the Year we-DStv Premiership.

Khonamanjalo, iSundowns ibiphethe umcimbi wokuklonyeliswa kwe-PSL ngabadlali bayo abathathu abahambe nemiklomelo emikhulu. UMarksman Peter Shalulile ukhale wemuka nendondo ye-PSL Footballer of the Season ngaphambi kozakwabo uThemba “Mshishi” Zwane nomgadli weMaritzburg United uThabiso Kutumela. UShalulile uphinde wahlabana ngomklomelo we-DStv Premiership Player Player.

UShalulile ushaye amagoli ayi-15 ngesizini yakhe yokuqala kwiDowns. UZwane uhlabane ngendondo ye-PSL Midfielder of the Season ngonyaka wesibili kulandelana.

UDenis Onyango uthathe indondo ye-PSL Goalkeeper of the Season.

Abawinile imiklomelo:

Young Player: Evidence Makgopa (Baroka FC)

Defender: Njabulo Ngcobo (Swallows)

Goal of the season: Teboho Mokoena (SuperSport United)

Top goal scorer: Bradley Grobler (16 Goals)

MTN8 Last Man Standing award: Deon Hotto (Orlando Pirates)

Nedbank Cup Player of the Tournament: Washington Arubi (TTM)

Nedbank Cup most promising player: Khanyisa Mayo (Richards Bay)

Umthombo wesithombe: @officialpsl

Izihloko zakamuva