Ubekwe endlini yakhe yokugcina uBokgabo

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

UBokgabo ubekwe endlini yakhe yokugcina ngoMsombuluko ekuseni.

Emngcwabeni obusemathuneni ase Van Dyk Cemetery e-Wattiville, Ekurhuleni umndeni kanye nabangani bebehlanganyele ndawonye bezovalelisa kuBokgabo.

UBokgabo (4) utholalakale ebulewe ngenyanga edlule kade egcine ukubonakala edlala nabangani bakhe ePaki eseduze nakubo. Izithombe zakhe ezazivela kwi-CCTV ziveze ukuthi wagcina ukubonakala ehamba nosolwa ngokumbulala uNtokozo Zikhali.

Amalunga omzimba wakhe atholwe emigodini emibili eqhelelene ngo-800 metres, atholakale esonakele nezitho zomzimba sezicwiyiwe.

Ngesonto eledlule imiphumela yolibofuzo ikuqinisekisile ukuthi amalunga omzimba atholakale e-Actonville bekungawakhe uBokgabo Poo obenyamalele, umndeni ube usuqhubeka namalungiselelo omngcwabo.

Ngesikhathi senkonzo yomngcwabo, kuqhume isililo ngesikhathi kudlala ividiyo yezithombe zale ntombazanyana.

UGogo Muntu Segage oqhamuka kwi- Traditional Healers Association uthe abantu abakhohlakele kuphela abasebenzisa izitho zomzimba ukwenza ukukhohlakala kwabo.

“Isithunzi sethu njengabalaphi bendabuko sidicileleke phansi ngenxa yezenzo zabantu abakhohlakele ababulala abantu besifazane kanye nezingane ezimsulwa ukuze bacwiye izitho zabo zomzimba,” esho.

“Sinxenxa abelaphi bendabuko ukuthi bakhulume futhi balwisane noloku kubulawa kwabantu. Lento ayingenziwa ngegama lethu.”

ISekela likaNgqongqoshe we-State Securiry uZizi Kodwa uthembise umndeni ukuthi obulele uBokgabo uzojeza.

“Senxenxa umphakathi wase-Wattville ukuthi uhlangane ulwisane nokubulawa kwabantu besifazane nezingane,” esho.

“Ukubulawa kukaBokgabo akube okokugcina. Abavikeli bomphakathi kanye nabaphathi bemigwaqo kufanele basize ukulwisana nobugebengu emphakathini.”

Abaholi bomphakathi sebenxuse idolobha lase-Ekurhuleni ukuthi kuhlonishwe uBokgabo ngokuthi kushintshwe igama lepaki athunjelwa kuyo.

Osolwa ngokubulala uBokgabo uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Binoni ngomhlaka-14 kulenyanga.

Osesithombeni esingengehla: Abazali kanye nabantwana bakubo beme eduze kwebhokisi

Umthombo wesithombe: @Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva