Ubehlaliswe ukulwa nabalawula umbuso uRamaphosa ngenkathi esayiphini likaZuma

Lungani Zungu

UMengameli uCyril Ramaphosa utshele ikhomishini yokulawulwa kombuso ngoLwesithathu ukuthi uhlale kwikhabhinethi kaZuma ngoba efuna ukulwa nalaba abalawula umbuso.

UMengameli uthe wacishe wasula ngenkathi uZuma ekhetha u-Des Van Rooyen ukuthi kube nguye uNgqongqoshe wezimali ngenkathi kuphuma uNhlanhla Nene kuZibandlela ngowezi-2015.

UVan Rooyen wayengomunye kwi-ANC owayekujabulela ukuba nobudlelwane noZuma nomndeni wakwa-Gupta abasolwa ngokulawula umbuso.

URamaphosa owakhethwa owayenguMengameli uZuma ukuba abe yiphini lakhe uthi wamucela ukuba ashintshe isinqumo sakhe.

Oyilungu le-ANC uGwede Mantashe bese kuba unobhala jikelele we-ANC nosekela uJessi Duarte, bangenelela bathatha uhlangothi likaRamaphosa lokho kwafakela uZuma ingcindezi.

Wabe esemususa u-Van Rooyen ngemuva kwezinsuku ezine wase eqoka u-Pravin Gordhan, kodwa umonakalo wawusuwenzekile njengoba bengayithathanga kahle indaba yokususwa kukaNene lokho kwabalahlekisela ngezigidigidi.

URamaphosa uthe kwakumele akhethe kwizinto ezinhlanu ngenkathi ebona ukulawulwa kombuso eminyakeni eyisishiyagalombili edlule kusaphethe uZuma.

Okokuqala kwakumele ngikhethe ukusula, noma ngikhulume, okwesithathu kwakumele ngivume ngiqhubeke nokwenziwayo.

Okwesine ngangingakhetha ukuthula okwesihlanu kwakumele nginqabe ngime esinqumeni sami ngibe nethemba lokuthi uzongilalela.

Ngakhetha ukuhlala ngalwa nabavukela umbuso kwaze kwaba sekugcineni. Ukubiza lokhu njengomsebenzi wakhe okumele awenze.

Utshele u-Raymond Zondo ongumphathi wamajaji aphinde abe usihlalo wekhomishini, ukuthi okungenzekanga ngendlela kuyalungiswa manje.

URamaphosa uvele kwikhomishini njengephini likaMengameli waphinde wavela njengoMengameli waseNingizimu Afrika.

Izinguquko kwi-ANC sezifike lapho icindezeleka khona.

Uzondo ubuze uMengameli imibuzo ebukhuni waphinde wabuza nokuthi amabhizinisi kahulumeni awa kanjani ezandleni zabo beyi-ANC.

Kwenzeka kanjani ukuthi inkampani enkulu njengo-Prasa iqhubeke isikhathi esibalelwa kwiminyaka emihlanu ibe ingenayo umphathi? kubuza uZondo.

Iqembu le-ANC eliphinde libe iqembu elibusayo lalizokwenza isiqiniseko sokuthi noma ubani okhethwa ukuba abe i-SOE uzoyiphatha ngendlela, kodwa kubukeka sengathi i-ANC yayinganendaba ngalokho.

URamaphosa uqhubeke wathi kwakumele beqaphele kakhulu ngaphambi kokuthatha izinyathelo.

URamaphosa uthi watshela uZuma ukuba akaqoke u-Brian Molefe njengomphathi ka-Eskom ngowezi-2015. Wayebonakala ukuthi engakwazi ukuphatha isikhwama kahle kakhulu.

URamaphosa uzobuyela kwikhomishini ngoLwesine.

Izihloko zakamuva