Lungi Langa
Owesilisa osolwa ngokubulala umama wezingane zakhe ngaphambi kokudlwengula amadodakazi akhe amabili ubegqoka njengowesifazane isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezintathu ukuze abalekele ukuboshwa.
Usebalekele amaphoyisa izinyanga ezintathu kodwa ugcine ebanjwe eLovu ngaseMlazi KwaZulu-Natal ngemuva kokubonwa yilungu lomndeni elibikele amaphoyisa.
Ngesikhathi eboshwa lo mlisa ubegqoke iphinifa kanye ne-weave.
Ekhuluma ne-Scroll.Africa ngoLwesibili, umfowabo wowesifazane obulawelwe KwaNyuswa KwaZulu-Natal uthe bekuzoba ngcono ukube umsolwa osolwa ngokubulala udadewabo ushonile ngenxa yobuhlungu abuzwise umndeni wakhe.
Mfowabo kamufi okugodlwe igama lakhe ukuze kuvikelwe abashana bakhe, uthe uthuke kwaphela nasozwaneni ngesikhathi inkantolo iyalela ukuthi umsolwa ahlolwe ngokwengqondo.
“Umuntu ongaphilile kahle ekhanda engakwenza kanjani ukuthi acashele amaphoyisa nokuthi akwazi ukuzifihla ngale ndlela enze ngayo? Ubekwazi akwenzayo,” esho.
Ngemuva kokubulala umama wezingane zakhe kuthiwa umsolwa ucele indodakazi yakhe (11) ukuthi imphelezele baye ehlathini ukuyobheka umama wayo. Kodwa ngesikhathi befika lapho uye wadlwengula indodakazi yakhe.
Kamuva uye wabuyela ekhaya wafike wadlwengula usingandodakazi wakhe (18), ngaphambi kokunyamalala.
Isidumbu sikankosikazi wakhe sitholwe ngaphandle komuzi sigoqwe ngengubo futhi simbozwe ngamagatsha ezihlahla.
“Lo mlisa ucekele phansi impilo yezingane zakhe, okuhlanganisa nendodana yakhe enezinyanga eziyisithupha engenaye umama namuhla,” kusho umfowabo kamufi.
“Kubuhlungu kakhulu ngoba uzimoshile lezo zingane yize engazibulalanga. Lokhu akwenze kuzo kuzishiye nezibazi zempilo yazo yonke.
“Uzwise wonke umndeni wethu ubuhlungu ngoba sisahlukumezekile ngenxa yalokhu akwenzile. Silokhu sizibuza ukuthi ngabe yini eholele ekutheni abulale udadewethu. Kungani engazange emyeke nje?”
Kuthiwa bese kuphele iminyaka engu-15 umsolwa nesisulu bendawonye.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi umsolwa (36) uboshiwe wathweswa icala lokubulala nelokudlwengula.
“Uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-Pinetown mhla zinhlanu kuNcwaba kanti uzobuyela kuyona le nkantolo ngomhlaka-12 kuNcwaba,” kusho uGwala.