Moyahabo Mabeba
Uma ephuma esibhedlela umsolwa uzoyiswa esitokisini ngoba esolwa ngokuthi uyabandakanyeka kwicala lokudlwengula nokubulala ingane ebineminyaka eyisithupha uBokamoso Tjabadi..
Umalume kaBokamoso uGeorge Tjebadi, ushaye umsolwa ngemuva kokuba athole isidumbu somshana wakhe kubo kamsolwa ngoMsombuluko.
UBokamoso walahleka ngeSonto. Umalume wakhe uGeorge ubengomunye walabo abaphuma bahamba bembheka endaweni yasemakhaya ebizwa nge-Phokwane, esigodini sase-Ga-sekhukhune e-Limpopo.
Amaphoyisa nomphakathi bahambe bayobheka entabeni eseduze ngeSonto nangoMsombuluko.
NgoMsombuluko ekuseni, uGeorge ubelokhu eshilo ukuba abahambe bayobheka endlini yomsolwa ngenxa yokuthi umsolwa ubaziwa ngokuqola abantu ebaphuce omakhalekhukhwini nemali ebasabisa ngommese.
“Ngimtshele ukuthi akavule umnyango kodwa wanqaba, ngawukhahlela umyango ngafica isidumbu sikaBokamoso nekhanda lakhe eligoqe ngesaka elifaka impuphu” kusho uGeorge.
“Ngavele ngashaqeka. Ngaphumela ngaphandle ngatshela umndeni into esengiyibone ngaphakathi. Ngemuva kwalokho ngamushaya ngifuna izimpendulo ukuthi kungani ebulale umshana wami ngesihluku esingaka”.
Umsolwa usesibhedlela futhi unemihuzuko ekhanda njengoba elimale izimbambo.
Ubabekazi kaBokamoso u-Elizabeth Sello, uthe babehlezi bebona ukuthi umakhelwane akalungile.
“Lo mlisa ubephilisa okomuntu ohlala emgwaqeni. Besihlezi sisabela izimpilo zethu uma sihlangana naye emgwaqeni, ikakhulukazi ebusuku” kusho ubabekazi kaBokamoso.
“Kuleli sonto usizwise ubuhlungu esingakaze sabuzwa noma sabucabanga”.
Ukhomishana ophethe amaphoyisa esifundazweni u-Lietenant Thembi Hadebe uthe kuzokwenziwa ukuhlolwa kwesidumbu sithole ukuthi umntwana ushone kanjani.
“Inhloso yokubulala umtwana asikayazi, kodwa ukuthi uzamile ukufihla isidumbu nokudlwengula elinye icala lelo”.