Ubebudedengu umshayeli weloli elibulale abangu-20-umbiko

Lungani Zungu

Umbiko uveze ukuthi umshayeli weloli obandakanyeka engozini eyenzeke ngoLwesihlanu olwedlule oPhongolo nguyena obulale abantu abangu-20 abashone kuyo.

Ethula umbiko wale ngozi ngoLwesine, uNgqongqoshe wezokuThutha uFikile Mbalula uthe umshayeli weloli uSiyabonga Siyaya ube budedengu wafaka izimpilo zabantu engozini. 

Abangu-18 kwabashonile kule ngozi bekuyizingane zesikole samabanga aphansi. Bebethuthwa ngeveni ku-N2 ngesikhathi itholana phezulu neloli ebelishayelwa uSiyaya.

UMbalula uthe uSiyaya uhambe ibanga elingamakhilomitha angu-1.2 kulo mzila okuphoqe izimoto ukuthi zisuke endleleni ngesikhathi iloli ligijima.

“Umshayeli akakaze azame ukuphindela kulayini wakhe, kodwa uqhubekile nokulwa nezimoto eziqhamukayo, nokubeka impilo yabanye abashayeli engcupheni,” kusho uMbalula. 

Ukwengeza, umshayeli weloli udlule izimoto eziningi ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko futhi akwenzile kuyingozi enkulu futhi akukho emthethweni.”

Lo mbiko okhishwe ngabakwa-Road Traffic Management Corporation uphethe ngokuthi iphutha lo mshayeli ilona elibe nomthelela kule ngozi ebulele abantu abaningi.

UMbalula uthe umshayeli weloli ungene emotweni eyiveni wayihudula amamitha angaphezu kuka-200 ngaphambi kokuthi zime izimoto.

Iveni ibingenayo ikhenophu kanti izingane zesikole ziphoseke ngaphandle kwemoto zasakazeka,” kusho uMbalula.

Yize uSiyaya ebebhekene necala uMbalula uthe akukho emthethweni futhi kuyingozi enkulu ukuthi abantu basebenzise amaveni ukuthutha izingane esikoleni.

Ukuthutha inqwaba yezingane ziminyaniswe ngemuva evenini evumeleke ukulayisa abantu abathathu kuphela, kuwudaba oluthinta izwe lonke futhi lugqamisa usizi lokuthuthwa kwabafundi.

“Kuyenzeka yonke indawo ezweni njengoba abantu besebenzisa amaveni ukuthutha abantu sengathi izinkukhu,” kusho uMbalula.

UMbalula uthe umthetho we-National Traffic Road Act ka-1996 owachitshiyelwa ngomhlaka-11 kuNhlaba ngo-2017 uyakwenqabela ukuthuthwa kwezingane zesikole ngamaveni.

Umbiko uzodluliselwa kuPhiko Lwezokushushisa Likazwelonke.

USiyaya uvele eNkantolo yeMantshi yasoPhongolo ngoMsombuluko ngamacala okubulala ngokungenhloso.

Icala lihlehliselwe uMsombuluko ukuze kulalelwe isicelo sebheyili.

Kuzoba nomngcwabo oPhongolo ngoMgqibelo wezisulu ezingu-20 ezishone kule ngozi.

Izihloko zakamuva