Everson Luhanga
Ugobela osolwa ngokudlwengula oboshwe ngoMsombuluko usevele wadonsa isigwebo ejele ngokudlwengula intombazane, umfana nenja ekuqaleni kweminyaka yowezi-2000.
NgoMsombuluko, isangoma sase-Alexandra, eGoli siphinde saboshwa kanti manje sisagcinwe esitokisini samaphoyisa sisolwa ngokudlwengula amathwasa aso amabili.
Ngezikhathi zasekuseni ngeSonto, amalungu omphakathi abethukuthele ahlasela indumba, acekela phansi isakhiwo nakho konke okuphakathi.
Ekhuluma endumbeni yendodana yakhe emoshakele, umama kamsolwa uthe indodana yakhe yaqala yalahlwa yicala ngowezi-2000.
“Ugwetshwe ngemuva kokuqulwa kwecala iminyaka emithathu. Ukhululwe ngoshwele ngemuva kokudonsa iminyaka eyisishiyagalolunye kweyi-15,” esho.
Uthe indodana yakhe yaba ngugobela ofaneleke ngokuphelele obesiza abantu beminyaka yonke ngobizo lwabo.
“Ngishaqekile ngale sehlakalo esisha. Kuzofanele sivumele ubulungiswa buqhubeke,” esho.
Unina uthukuthelele abantu abeza ngoLwesihlanu nasekuseni ngeSonto ukuzogqekeza indumba yendodana yakhe.
“Bathathe konke kubalwa nemithi. Unezipho ezinhle ezivela kubantu abasizile. Manje konke lokho sekuhambile,” kusho umama oneminyaka engama-66.
Okhulumela amaphoyisa ase-Alexandra uSayitsheni uSimphiwe Mbatha ukuqinisekisile ukuthi kuboshwe owesilisa ngecala lokudlwengula kanti usagcinwe esitokisini.