Ube nesikhathi esimnandi uKolisi ehleli nosomahlaya

https://x.com/MphoPopps/status/1725425562712158695?s=20

Ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi osanda kuwina iNdebe yoMhlaba ehlabeke umxhwele kuhlelo lukasomahlaya uMpho Popps olande umlandeli ofana naye futhi othanda nokumlingisa.

Lo mdlalo osakazwa uMpho Popps noRobot-Boii wePop-corn and Cheese podcast wenze abalandeli bahleka into engapheli.

Umlandeli olingisa uSiya wenza ihlaya ngokuncipha komzimba wathi wehliswe ukujima kuyo yonke lemidlalo ebinzima, unane bhande lasekhanda elisayinwa nguKolisi alibizi nge-drip.

Ukolisi othanda ukuhleka, wabelane ngalolu hlelo ku-Instagram wabhala ukuthi, “Ngemuva kokuwina iNdebe yoMhlaba kabili nangaphambi kokuwina iNdebe yoMhlaba kabili kona siphuma kude. UMpho Popps uphendulile naye ehleka.

Ngemuva kwesiphithiphithi seNdebe yoMhlaba kanye nohambo lombukiso weNdebe yoMhlaba eNingizimu Afrika, uKolisi uvakashele e-US ukuyoshaywa umoya ngaphambi kokubuyela eqenjini lakhe i-Racing 92 e-France.

Ngesikhathi ese-New York, uKolisi uzinike isikhathi sokuhlangana noVincent Mai  owasekela imfundo yakhe esikoleni samabanga aphezulu e-Grey High eGqeberha.

Naphezu kokuhlushwa i-jet lag uhambo lwakho nomndeni wami beluluhle kakhulu, ngisho unkosikazi uRachel Kolisi ubhale ngohambo lwabo ezinkundleni zokuxhumana.

E-France uKolisi akahlezi nje eqenjini lakhe lebhola lombhoxo. Ubonwe eduze kukaReece James we-Chelsea emdlalweni we-Racing 92.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: USiya Kolisi noMpho Popps.

Umthombo wesithombe: X

Scrolla World Cup Quiz