Ube impumelelo owama-Blitzboks

Dylan Bettencourt

Ukaputeni wama-Blitzboks osabambile uZain David uthe iqembu lebhola lombhoxo lama-sevens lizobuya emdlalweni wama-Commonwealth lijabule ngendlela elidlale ngayo e-England.

Iqembu lakuleli linqobe esigabeni sesikhombisa kule midlalo lihlula i-Fiji ngo 31-7 kowamanqamu ngeSonto ebusuku.

“Siphume lapha sanikela ngakho konke. 

Besijabule ngalo mdlalo njengoba besidlala neqembu elikhulu njenge-Fiji,” kusho uDavids ngemuva komdlalo wamanqamu.

Ama-Blitzboks ashaye ama-try amahlanu bedlala ne-Fiji anqoba elinye lamaqembu ayisikhombisa ahamba phambili emhlabeni.

Ukaputeni uSiviwe Soyizwapi akakwazanga ukuba ingxenye yomdlalo wangeSonto njengoba kutholakale ukuthi uhlaselwe ikhanda ngayizolo.

Umqeqeshi uNeil Powell ozoshiya i-Blitzboks ngemuva kweNdebe yoMhlaba ye-Rugby Sevens ngoMandulo uthe uyaziqhenya ngempela ngeqembu.

“Bazame umzamo omkhulu hhayi kowamanqamu kuphela kodwa kuyona yonke imidlalo eyisithupha ngempelasonto.”

“Abafana basebenze kanzima ekulungiseleleni lo mqhudelwano futhi ngiyajabula ukuthi bathole umvuzo ngawo baphinde bakhombisa ukuthi nakuba ukusebenza kanzima kungaqinisekisi impumelelo, kuyingxenye yempumelelo.”

Ukunqoba bekungeke kufike ngesikhathi esingcono kuma-Blitzboks azosingatha iNdebe yoMhlaba ye-Rugby Sevens ngoMandulo eKapa.

“Ngokuzethemba kwethu bekubalulekile ukuthi senze kahle lapha ikakhulukazi ngemuva kwalokhu okwenzeka e-London, kanti lokhu kusinike umfutho nogqozi,” kusho uPowell.

“Siyethemba ukuthi inkolelo esiyithole kulo mqhudelwano izosiyisa e-Los Angeles naseNdebeni yoMhlaba.”

Umthombo wesithombe: @Blitzboks

Izihloko zakamuva