Lubhalwe nguDylan Bettencourt
- UBayanda Walaza owanqoba indondo yesiliva kuma-Olympics uphase umatikuletsheni yize wayelova esikoleni ngenxa yemidlalo yaseParis.
- Isihlabani somgijimi osemncane sigcine isethembiso kunina ngokulinganisa ukuqeqeshwa kwezokusubatha nezifundo zakhe.
UBayanda Walaza owathola indondo yesiliva kuma-Olympics usengeze esinye isicucu eqoqweni lakhe – isitifiketi sikamatikuletsheni esine-bachelor’s pass emvuna ukuthi angayofunda enyuvesi.
Le nsizwa(18) yaseKatlehong, eyaziwa ngokuhamba phambili kwabasebasha emhlabeni ngemuva kokugijima ibanga elingu-100m ngemizuzwana engu-10.13 ngoNdasa odlule, igcine isethembiso kunina nakuba wayebuye angayi esikoleni ngenxa yama-Olympics aseParis.
“Umama wangicela kahle ukuthi ngiqede isikole,ngikwenzele yena lokhu. Kube ngomusa weNkosi ukuthi ngiphumelele umatikuletsheni wami naphezu kokucindezeleka nokuphuthelwa amathuba esikoleni,” kusho umfundi waseCurro Hazeldean etshela i-News24.
Unina uTholiwe Walaza, naye owake waba ngumsubathi, ubeyibona indlela abenovalo ngayo elindele imiphumela.
“Impelasonto edlule uyichithe ekhaya, ngambona ukuthi ukhathazekile futhi ethule, uma ngimbuza ukuthi kwenzenjani wangitshela ukuthi kuzophuma imiphumela ngoMsombuluko,” kusho yena.
UBayanda ubenenkinga kakhulu nge-Geography ngesikhathi ezama ukulinganisa ukusubatha kanye nomsebenzi wesikole. Emuva kokubuya ekunqobeni isiliva ku-4x100m relay eParis, ugxile kakhulu ezifundweni zakhe.
“Ngangilinganisa ezokusubatha nesikole, kodwa angizange ngihluleke. Ngathi uma ngibuya eParis, ngazibophezela ekwengezeni isikhathi ezifundweni zami. Lokhu ebengikwenza kwezokusubatha, ngikuthathile ngakusebenzisa emsebenzini wami wesikole,” esho.
Lesi sihlabani sokusubatha manje sihlela ukufunda i-logistics sibe siqhubeka nomsebenzi waso wokusubatha. Iseluleko sakhe kubafundi bakamatikuletsheni bakulo nyaka: “Umfutho owufaka kwezemidlalo kufanele uwufake nasezifundweni zakho.”
Umama wakhe oziqhenyayo unamaphupho amakhulu ngaye: “Usewenzile ama-Olympics, into engangiyifisa nami njengomgijimi kodwa ngangayithola. Manje, kufanele athole iziqu – into nami engingakaze ngiyithole.”
Esithombeni esingenhla: Umgijimi wama-Olympic u-Bayanda Walaza ugubha impumelelo yakhe yokugijima.
Umthombo: X