UBathabile ugcine eyikhokhile imali

Arthur Greene

Ngemuva kweminyaka eminingi ebaleka futhi ecasha, lowo owayenguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uBathabile Dlamini ugcine ezikhokhile izi-R650,000 azinikwa yiNkantolo yoMthethosisekelo ngonyaka wezi-2018.

Njengoba esebenze isikhathi eside esikhundleni esihlonishwayo emphakathini, uDlamini uchithe iminyaka eminingi esebenzisa wonke amaqhinga akule ncwadi ukugwema ukuzibophezela ngezenzo zakhe, kufaka phakathi ukusola iqembu lakhe ngokucwasa ngokobulili.

Isikhathi sakhe sokubusa kwezokuThuthukiswa koMphakathi kwakungabonakala njengehlaya elibi ukube wayengaphathi imali yesibonelelo sabantu abayizigidi eziyi-17.

Ngeshwa uDlamini obebaleka ugcine esephelelwe ngamahlathi okucasha.

Ngemuva kweminyaka emithathu yokugwema abammeli nokungazinaki izincwadi zesicelo, i-Centre for Applied Legal Study (Cals) imemezele ngoLwesine ukuthi “emasontweni amabili edlule umthetho usulandelwe kanti uNkk Dlamini uzikhokhile izindleko zethu.”

I-Cals ibimele i-Black Sash Trust enye yezinhlangano ezizimele zaseNingizimu Afrika, kuleli cala.

Esinqumweni esiyingqophamlando sangowezi-2018, iNkantolo yoMthethosisekelo ithole ukuthi uDlamini nguye uqobo obhekene nale nkinga yokukhokhwa kwezibonelelo zikahulumeni, iveza isenzo sakhe “njengokunganaki nobudedengu.”

Imali eyizi-R650,000 lowo owayengungqongqoshe ayalelwe ukuba azikhokhe zimele u-20% wezindleko zomthetho iNkantolo yoMthethosisekelo eveza ukuthi ubhekene nazo uqobo.

U-Lee-Anne Bruce wase-Cals uthe lesi sinqumo esiyingqophamlando sithumele umyalezo obalulekile emphakathini wokuthi abaphathi abasezikhundleni bengabekwa amacala ngezenzo zabo.

“Muva nje, uDlamini ubenza yonke imizamo ukugwema ukukhokha izindleko. Akagcinanga ngokuziba izincwadi zokuthi uyafunwa kodwa waze wagcina ngokushintsha nabammeli,” kusho uBruce.

“Izinhlangano zethu ziphikelele ekutheni aziphendulele futhi kuqinisekiswe ukuthi inkantolo iyasebenza.”

Umthombo wesithombe: @Bathabile_min

Izihloko zakamuva