UBarnes uthi uselinde uSomlomo amfungise kodwa uShinga uthi akakhohlwe uNikhodima

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UMengameli we-NFP uMnuz Ivan Barnes uthi uselinde uSomlomo wesiShayamthetho amfungise kodwa uNksz Mbali Shinga uthi akakhohlwe ngoba unyonyoba njengoNikhodima.

Lokhu kugqame ezinkulumeni zalaba baholi abebekhuluma nabalandeli babo ngokwehlukana eNkantolo yaseMgungundlovu ngoLwesithathu nokuyilapho uNksz Shinga efake khona iqembu lakhe evimba ukuba lingamkhiphi eSishayamthetho.

UBarnes uthe uNksz Shinga uxoshiwe eqenjini futhi nenkantolo ayizange iyikhulume indaba yokulalela udaba lwakhe ngesicelo esiphuthumayo.

“Njengamanje Mina sengilinde uSomlomo aqede ngemigudu yakhe bese ngiyahamba ngiyofunga. Inkantolo ayizange iluthethe nhlobo udaba lukaShinga kodwa kunalokho iluhlehlisele usuku esingalwazi,yabe isithi asifake amaphepha ethu naye uShinga afake awakhe ngolunye usuku. Sekuyothi sesinelisekile siphinde sibuye sesifaka amaphepha okuxoxa lolu daba ngolunye usuku. Engingakusho nje kini ukuthi uMbali Shinga uxoshiwe,” kusho uBarnes.

Ngakolunye uhlangothi uNksz Shinga uthe inkantolo imtshele ukuthi akayoqhubeka nokusebenza futhi noSomlomo akazukufungisa muntu endaweni yakhe.

“Siyambonake uNikhodima ovele wanyonyoba eyofaka amaphepha kuSomlomo ukuze afungiswe. Asazike ngoba inkantolo ithe angiqhubeke ngiyosebenza futhi akungafunguswa muntu esikhaleni sami. Okunye akushawa siqu kuphela lapha kodwa kushawa nina,” kusho uNksz Shinga.

NgokweNkantolo, uNksz Shinga kumele afake amaphepha akhe ngomhlaka-9 kuNhlangulana bese uBarnes afake awakhe ngomhlaka-12 kuyo le nyanga.
Ngomhlaka-17 kuyona lena ephezulu izinhlangothi kufanele zifake izethulo zazo ukuze kuqulwe lolu daba.

Izihloko zakamuva