Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa ase-Malawi abophe odayisa amabhokisi omngcwabo obekhipha iziguli zesifo sohudo ama-drip e-Limbe okuyidolobhana lase-Blantyre.
Umsolwa uhlonzwe njengomnikazi wesitolo esidayisa amabhokisi omngcwabo eduze kwenkambu yabaphethwe isifo sohudo.
Izakhamizi zibambe lo mlisa okugodlwe igama lakhe ngoMsombuluko ngemuva kokumqapha ngempelasonto.
Ukubhebhetheka kwesifo sohudo kuleliyazwe sekuthwalise kanzima izikhungo zezempilo kanye nabasebenzi bezokunakekela. Uhulumeni uphoqeleke ukuthi akhe izindawo zokukhosela zesikhashana ukuze ahlalise futhi elaphe isibalo esikhula njalo seziguli.
Yilapho-ke lo mlisa asizakale khona – njengoba kuthiwa ubenyonyoba kule ndawo ekhipha iziguli ama-drip ebeziwadinga ukuze abantu abaningi bathenge amabhokisi akhe omngcwabo.
Omunye wabahlengikazi e-Limbe Health Centre utshele i-Scrolla.Africa ukuthi kube nokudideka kubahlengikazi ngemuva kokuthola ama-drip ekhishiwe ezigulini.
“Siqale ngokusolana sodwa ngalesi senzo esingenabuntu,” esho.
“Kodwa siye sabona ukuthi sonke singochwepheshe futhi besingeke sikwazi ukwenza into enjalo. Sibe sesicupha ugibe sisebenzisana nabaholi bomphakathi.”
Uthe ngemuva kwezinsuku ezimbili lo mlisa ubonakale engena kule ndawo etshela iziguli ukuthi uphuma ophikweni lwezeMpilo nokuthi ubheka ukusebenza kwama-drip.
Ngesikhathi engena kule ndawo ubefake amagilavu ezokwelapha. “Asazi ukuthi uwathole kanjani lawo magilavu. Amaphoyisa nezikhulu zezempilo bazophenya ngalokho.”
Umhlengikazi uqhube wathi ezinye iziguli ebezikhishwe ama-drip zishone ngenxa yokuphelelwa amanzi emzimbeni, kanti ezinye ziye zahlengwa kusenesikhathi.
Kuze kube manje bangu-21,522 asebehloliwe batholakala bethetheleke ngesifo sohudo futhi bangeniswe emakhempini ahlukene ezweni lonke kanti bangu-716 abantu asebeshonile ngenxa yalesi sifo.
Okhulumela iHhovisi lezeMpilo lesiFunda sase-Blantyre, uChrissy Banda uthe inhloso yomsolwa ibingakaziwa.
Amaphoyisa akuleli dolobha awakuqinisekisanga kahle ukuthi lo mlisa ubekhipha ama-drip ezigulini ukuze athuthukise ibhizinisi lakhe lamabhokisi omngcwabo yini. Okhulumela amaphoyisa uthe basaphenya ngembangela yalokhu obekwenziwa umsolwa.
Esithombeni esingenhla: Umdayisi webhokisi ongadalulwanga igama osolwa ngokukhipha iziguli zesifo sohudo ama-drip
Umthombo wesithombe: @zodiakonline