Ubanjwe nemoto yamaphoyisa engumkokotelo nezikhali wabe eseboshwa 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Umsolwa oneminyaka engu-44 ubudala uboshiwe e-Walkerville, esifundeni sase-Sedibeng, kulandela ukutholakala kwemoto ependiwe kabusha yafaniswa nemoto yamaphoyisa, endaweni.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng uColonel Noxolo Kweza ubike ukuthi amaphoyisa athole imoto yohlobo lwe-Golf Volkswagen ebhalwe izinombolo zezimoto zamaphoyisa kanye nezimpawu. Le Golf ibibukeka ifana nemoto yamaphoyisa yangempela.

Izikhulu ziphinde zathola nemoto yohlobo lwe-VW Polo emhlophe enamalambu aluhlaza nama-siren, isibhamu sohlobo lwe-R5 esebiwe, namajakhethi amaphoyisa.

Umkhankaso wobunhloli uholele uphiko lwe-Crime Intelligence yaseGoli kanye namalungu ophiko lwe-K9 e-Soweto ukutholeni inqwaba yezimpahla.

“Kutholwe nezinombolo zezimoto ze-SAPS.  Umsolwa kungenzeka ukuthi uyamataniswa nobugebengu obenzeka e-Gauteng,” kusho uKweza.

Wengeze ngokuthi amaphoyisa akholelwa ukuthi lezi zimoto bezisetshenziswa ekuduneni amaloli nakwezinye izigameko zokugebenga. Umsolwa kulindeleke ukuthi avele enkantolo khona maduze nje.

Kulindeleke kuboshwe abanye abaningi njengoba uphenyo lusaqhubeka. Shayela uColonel Noxolo Kweza ku-082 300 0531 ngolwazi olungasiza uphenyo.

Esithombeni ngenhla: Imoto ependiwe yafaniswa neyamaphoyisa yafakwa nezinombolo zezimoto zomkokotelo.

Umthombo: SAPS

Izihloko zakamuva