Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Umgibeli webhasi laseKapa ubanjwe inkunzi ngemuva kokuthi umshayeli eshintshe imizila wamshiya ebusuku endaweni angayazi.
IGolden Arrow ithi ngeke izikhokhele izinto ezebiwe kodwa bazojezisa umshayeli ophume emzileni.
Ufuna ukunxeshezelwa umgibeli weGolden Arrow ngemuva kokubanjwa inkunzi ngesikhathi umshayeli webhasi emehlisa esigangeni eKapa.
Lona wesifazane uthathe ibhasi lika-5.30 ntambama lisuka kwaLanga liya eKhayelitsha ngesikhathi umshayeli eshintsha umzila ojwayelekile.
“Ngiye kumshayeli ngiyombuza ukuthi kungani eshintsha indlela. Ngithuke kabi ngimuzwa ethi ubuzile ukuthi akekho yini oya lapho ngiya ngakhona. Kusukela nini abashayeli bamabhasi bebuza lokho?” echaza.
Umshayeli unqabile ukubuyela emzileni wakhe wabe esemehlisa endaweni angayazi. Okubuhlungu ubese ebanjwa inkunzi.
“Kube yiphutha lomshayeli wabo ukuthi ngibanjwe inkunzi, ukummisa ngeke kwenze mehluko ngoba uzobuyela emsebenzini ekubeni mina ngisazofuna imali yokuthenga okuthathiwe,” usho kanje.
Okhulumela iGolden Arrow uBronwen Dyker-Beyer ukuqinisekisile ukuthi basitholile isikhalazo.
“Ngeshwa, ngokwemibandela yethu, i-Golden Arrow ayikwazi ukwamukela icala ngemiphumela yesenzo sobugebengu.
“Ezimweni ezifuze lezi, sicebisa abagibeli ukuthi bahlale ebhasini lize liyofika edepho, lapho kungenziwa khona izinhlelo zokulekelela,” kusho uBeyer.
Umshayeli uzoqondiswa izigwegwe.
Esithombeni esingenhla: Ibhasi le-Golden Arrow.
Umthombo: Ifayela