Ubanjiwe umsolwa obentshontshe imoto yamaphoyisa

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Isigebengu sintshontshe imoto yamaphoyisa kaMasipala wase-Tshwane sahamba nayo sibheke e-Verena ngoMsombuluko.

Ngenhlanhla imoto yamaphoyisa itholakele umsolwa wabanjwa ngenxa yokuqapha kwesakhamuzi endaweni.

Lesi sakhamuzi sibe sesibikela amaphoyisa ngemuva kokubona imoto ihamba ku-R25 ibheke e-Verena, emgceleni weMpumalanga ne-Gauteng.

Abomthetho balandele umkhondo wemoto endaweni eseduze futhi bayithola ngempumelelo.

Okhulumela amaphoyisa kaMasipala wase-Tshwane, uSenior Superintendent Isaac Mahamba uthe isigameko sokuntshontshwa kwemoto senzeke ngesikhathi amaphoyisa oMnyango wakwaMasipala e-Tshwane ephendula ngesikhalo esenziwe isakhamuzi sase-Bronkhorstspruit.

Ngo-7.30 ebusuku ngoMsombuluko amaphoyisa aye kubo kammangali.

“Bangene emagcekeni ukuze basize lo obebashayele ucingo,” kusho uMahamba.

“Okubethusile ngesikhathi bebuyela emnyango, imoto abebehamba ngayo ibisingekho lapho abayishiye khona. Yize bebheke endaweni yonke, amaphoyisa awakwazanga ukuthola imoto ebintshontshiwe ngaleso sikhathi.”

Umsolwa ushiye imoto entshontshiwe wazama ukubaleka ngesikhathi ebona ukuthi amaphoyisa ayamfuna, kodwa ubanjwe wagqunywa ejele.

UMahamba ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uzovela okokuqala eNkantolo ngasekupheleni kwaleli sonto.

Esithombeni esingenhla: Isigebengu esintshontshe imoto yamaphoyisa akwaMasipala  wase-Tshwane

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva