Ubanjiwe owesilisa ongenele umqhudelwano wabesifazane weChess

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Umdlali we-chess wesilisa ongene kumqhudelwano wabesifazane ezifihle nge-burka ubanjiwe ngemuva kokubhekana nabanye abadlali abahamba phambili.

Lo mdlali we-chess wase-Kenya uStanley Omondi (25) uzibhalise ngegama likaMillicent Awour, kodwa wabizwa ngesikhathi abahleli bomncintiswano besola impumelelo yakhe.

U-Omondi ubehlezi ethule ngesikhathi somncintiswano kanti uMengameli we-Chess yase-Kenya uBernard Wanjala uthe kungenzeka avinjelwe ukudlala lo mdlalo iminyaka eminingana.

“Besingenazo izinsolo ekuqaleni, ngoba ukugqoka i-hijab kuyinto evamile,” kusho uWanjala etshela i-BBC Sport Africa.

“Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, sibonile ukuthi unqobile ebhekene nabadlali abangompetha futhi akukho lula kunoma ubani omusha ukunqoba ngalendlela kulomqhudelwano.

“Okunye okumbambisile izicathulo abezigqokile.

“Siphinde saqaphela ukuthi uthule akakhulumi. Ngisho efika ukuzoqoqa i-tag yakhe uvele wathula. Ngokujwayelekile uma udlala ukhuluma nembangi yakho osuke ubhekene nayo kwi-chess.”

“Ngesikhathi esedlulela phambili, ngemuva kokunqoba umdlalo onzima kakhulu sivele sambiza, akazange akhombise ukumangala.

“Uvumile ukuthi ngempela ungowesilisa. Uyazisola ngakwenzile, waxolisa wathi lokhu ubekwenza ngoba unezinkinga zezimali futhi ubecabanga ukuthi ukunqoba isicoco kuzomsiza.”

U-Omondi encwadini yokuxolisa uthe usekulungele ukwamukela imiphumela wathi wenze lokho akwenzile ngenxa yezidingo zakhe zezimali. 

Isithombe esingenhla: UStanley Omondi

Umthombo wesithombe: @MowliidHaji

Izihloko zakamuva