Menzi Magubane
Manje njengoba iBafana Bafana inomuntu wayo wase-Belgium uHugo Broos, ungubani?
Into eyodwa egqamile mayelana nalo mqeqeshi oneminyaka engama-69 ukuthi unomlando omuhle wokuwina izindondo.
Njengoba eqale umsebenzi wakhe wokuqeqesha ngowezi-1988 ku-RWD Molenbeek e-Belgium, useqeqeshe amanye amaqembu ayishumi emazweni ahlukene aseYurophu, e-Asia nase-Afrika.
Ukubala nje abambalwa, izingqwazi zase-Belgium i-RSC Anderlecht ne-Club Brugge uPercy Tau wethu ayidlalele muva nje.
Kukhona ne-Genk lapho u-Anele Ngcongca ongasekho emhlabeni adlale khona imidlalo engama-223 ehlala e-Belgium phakathi kowezi-2006 nowezi-2017.
UBroos wenze kahle e-Belgium lapho athola khona izindondo zomphathi wonyaka wase-Belgium kumasizini alandelayo yowezi-1991/92 ‚yowezi-1995/96, yowezi-2003/04 neyowezi-2006/07.
Ubuye wawina iligi yase-Belgium nge-Brugge kumasizini alandelayo yowezi-1991/92 neyowezi-1995/96. Kusenjalo nge-Brugge, wawina i-Belgian Cup ngowezi-1991, ngowezi-1992, ngowezi-1994 nangowezi-1996.
Ngesizini ka-2003/04 wawina iligi (i-Belgium Pro League) nge-Anderlecht.
Okuwukuphela kweqembu lesizwe eliqeqeshwe yilowo owayengumdlali wasemuva yi-Cameroon phakathi kuka-2016 ngoZibandlela ngowezi-2017. Wenze umthelela osheshayo ngokubaholela enkazimulweni yabo yokuqala ye-CAF Africa Cup of Nations kusukela ngowezi-2002.
I-Indomitable Lions kaBroos iqokwe njengompetha be-Afcon ngowezi-2017 ngemuva kokushaya intandokazi yomqhudelwano i-Egypt ngo-2-1 kowamanqamu.
Impumelelo enjalo iyilokho okudingwa iBafana kumqeqeshi ukuze ibuyise izinsuku zayo zokunqoba ngowezi-1996. Kepha ingabe uBroos angayichitha impumelelo yakhe kuBafana?
Ngaphambi kokuvuma ukululeka iBafana wayeyimenenja ebambile futhi engumqondisi wezemidlalo ekilabhini yase-Belgium i-Oostende. Abaqeqeshi bavame ukwahlulelwa ngemidlalo yabo yokuqala kanti kuBroos yena eyakhe izolandelana.
IBafana idlala ne-Zimbabwe ekuhambeni ngemuva kwezinsuku izokwamukela i-Ghana emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yowezi-2022 okungenzeka iqale ngoMandulo.
Le midlalo yokuhlunga bekufanele iqale esontweni lokuqala kukaNhlangulana. I-Ethiopia nayo iku-Group G neBafana. Lo mqeqeshi wase-Belgiam kufanele iwine ukuze ithole indawo embukisweni womhlaba e-Qatar.
Umthombo wesithombe: @robertmarawa