Isihloko sodaba simayelana naye nomyeni wakhe abahlole batholakala negciwane le-Corona.
Okuyinhlahla yokuthi uzoke ashaywe umoya uMelania Trump, unkosikasi kaMengameli waseMelika uDonald Trump njengoba abantu bengasayinakile indaba yakhe.
Unkosikasi kaMengameli ubanjwe kwisiqopha msindo ethi” ubani onendaba nezinto zikakhizimusi kanye nomhlobiso wakhona?”
UMelania ubelokhu ebalisa ngomsebenzi okumele awenze wokulungiselela umcimbi kakhisimusi endlini yobongameli.
Ebuzwa ngemithetho kamyeni wakhe yokuhlukanisa izingane ezivela emazweni angaphandle nabazali bazo kumngcele waseMelika, uqoshwe ethi: “Ake ningishayise ngomoya.”
Ubengazi ukuthi uqoshwa ngumngani wakhe omjikelile kamuva. Okuqoshiwe kufike ku-CNN, okhiphe lezi zindaba futhi zasabalala kakhulu ku-Twitter.
Abantu abaningi baseMelika bathi” Amaholidi Amahle” kunokuthi bathi “Ukhisimusi Omuhle” ngoba behlonipha izinkolo zabanye abantu.
Abalandeli bakaTrump abathukuthele, kanye nomdeni kaTrump- abangayi nhlobo enkonzweni – bathi bahlenga ukhisimusi.
Indodana kaTrump, uEric Trump uthe kumabonakude ngonyaka owedlule: “Ningaqhubeka nithi uKhisimuzi omuhle futhi… Leli yiphupho leMelika.”
Kodwa-ke njengoba uMelania esho: “Ubani onendaba?”