Lungani Zungu
Akekho umuntu ongaphezu komthetho – usho njalo umthetho waseNingizimu Afrika.
Ubufakazi balokho ukuboshwa kwalowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma ngoLwesithathu, ongumengameli wokuqala wentando yeningi ukuboshwa.
Lokhu kungahle kuvulele abaholi be-ANC abhekene namacala iminyango yokuthi nabo bagcine bevalelwe.
Iqembu elibusayo i-ANC likubeke kwacaca ukuthi ngeke lingenelele kwinqubo efanele uma amalungu alo ezithola esohlangothini olungafanele lomthetho.
➤Phakathi kwabo kubalwa umsekeli omkhulu kaZuma, u-Ace Magashule unobhala-jikelele we-ANC omisiwe, obhekene namacala ahlobene nethenda ye-asbestos yezigidi ezingama-R255 eyakhishwa ngesikhathi esenguNdunankulu wase-Free State.
I-ANC yamisa uMagashule ngoNdasa ngokuhambisana nenqubo yokumiswa ezikhundleni kwabaholi ababhekene namacala abucayi. Kulindeleke avele enkantolo ngoNcwaba.
➤ UZandile Gumede, owayeyiMeya yeTheku futhi owayeseka kakhulu uZuma, ubelokhu ephuma engena enkantolo kusukela ngowezi-2019 ngenxa yamacala avela kuthenda yezigidi ezingama-R430 ze-Durban Solid Waste. Wenqabile ukuphuma njengelungu lesishayamthetho sesifundazwe.
Uma etholwa enecala, uGumede ubhekene nokuthi aye ejele, njengoba ebhekene namacala abucayi, ahlanganisa inkohlakalo nokushushumbisa imali.
➤ UMike Mabuyakhulu uthathe isinqumo sokusula esikhundleni sokuba yiphini likasihlalo we-ANC eKZN ngoNdasa. UMabuyakhulu, owayekhankasela kakhulu ukuthi uCyril Ramaphosa akhethwe njengoMengameli we-ANC ngowezi-2017, ubhekene necala lokuxhaswa ngemali eyizigidi ezingama-R28 ukwenza umcimbi we-jazz ongakaze ube khona. WayenguNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komnotho ngaleso sikhathi.
➤ E-Eastern Cape, owayenguNgqongqoshe wezeMpilo, uSindiswa Gomba ulwela ukusindisa umsebenzi wakhe wezombusazwe. UGomba ubengomunye wabantu abayi-12 ababebhekene necala lenkohlakalo mayelana nokukhwabanisa izigidi ezi-R10 okwakumele zisetshenziswe ukuthi kwenziwe inkonzo yesikhumbuzo sikaNelson Mandela ngowezi-2013. Waxoshwa ekuqaleni konyaka nguNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane.
➤UMgcinimafa-Jikelele we-ANC e-Limpopo uDanny Msiza ubhekene namacala okukhwabanisa nokushushumbisa imali okusukela ekuweni kweBhange i-VBS. UMsiza kuthiwa wayebambe elikhulu iqhaza ngesikhathi omasipala abaphethwe yi-ANC befaka imali ebhange. Ubhekene namacala okukhwabanisa, inkohlakalo nokushushumbisa imali maqondana nemali ayithola ngokuqolwa kwe-VBS.