Ubangwa nezibi  esibhedlela umama kaMampintsha 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Umndeni welungu le-Big Nuz uMandla “Mampintsha” Maphumulo ubambe umoya njengoba kuthiwa umama wakhe uZamanguni Gumede ugula kakhulu.

Ngokusho kwendodakazi yakhe uPinky Gumede, uZamanguni Gumede uphuthunyiswe esibhedlela saseThekwini ngemuva kosuku engcwabe indodana yakhe. UMampintsha wangcwatshwa ngomhlaka-30 kuZibandlela.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa ngeSonto uGumede okhungathekile uthe, “Umama ulwela impilo yakhe futhi isimo sakhe sibucayi. Ngesikhathi sigcina ukuyombona ngoLwesihlanu ubekhuluma into engezwakali. Akakwazanga ngisho nokusibona thina zingane zakhe futhi ubelokhu ebuza ukuthi uphi uMampintsha.

“Izinto zimbi ngempela futhi ngicela  umuntu ukuthi asigcine emithandazweni njengoba sibhekene nalesi sigaba esibuhlungu.

“Kudala umama aqala ukugula uMampintsha engakashoni. Okwenze impilo yakhe yaba nzima ukuthi ubehlukumezekile emoyeni ngoba ubengafinyeleli kuye ngesikhathi efuna ukumsiza ukuthi alungise umcimbi wesintu.”

UGumede uveze ukuthi abakwazi ukuthola unkosikazi kaMampintsha, uBongekile Simelane odume ngelikaBabes Wodumo emculweni ukuze bamazise ngesimo sempilo kamamezala wakhe.

“Ngaphambi kokuthi umfowethu adlule emhlabeni watshela umama ukuthi umfakile kumasingcwabisane wakhe. Inkinga ukuthi kunzima ukukhuluma noBabes ngoba ungumuntu othanda izinkinga. Sesaba ukuthi sizoba nenkinga enkulu uma engashona ngoba sidonsa kanzima,” kusho uGumede.

UBabes Wodumo akatholakalanga ukuthi aphawule kodwa udadewabo uNondumiso Simelane uzwakalise  ukungazi lutho ngokugula kakhulu kukamama kaMampintsha.

“Ngiyaqala ukuzwa lokhu,” esho. “Ngizokhuluma noBabes uma esebuyile. Kodwa kungani bengasishayeli ucingo ngoba izinombolo zethu banazo? Ngisho nenombolo kaMampintsha isasebenza namanje.”

Izihloko zakamuva