UBagnaia uphinde wadla umhlanganiso koweMotoGP

Lubhalwe nguLucky Vince Pienaar

Ngesikhathi kwehliswa ifulegi emjahweni  wokugcina we-MotoGP, bobabili uFrancesco “Pecco” Bagnaia wase-Italy kanye noJorge Martin wase-Spain bebengawunqoba lo mqhudelwano womhlaba we-MotoGP wango-2023 – kodwa ngemuva kwemizuliswano emihlanu kwashabalala konke.

Emlenzeni wesibili, uBagnaia noMartin bathintane belwela ukuhola umjaho ngesikhathi uMartin eqhamuka eduze kukaBagnaia. UMartin usuke endaweni yesibili ehamba phambili wehlela endaweni yesikhombisa njengoba esalele emuva kwahola uBagnaia.

UMartin ubezimisile ukubambana noBagnaia, kodwa kwangenzeka.

Emlenzeni wesihlanu uMartin obeshayela i-Ducati uphumile emjahweni – kwase kunqunywa owinile.

Khonamanjalo, uBrad Binder waseNingizimu Afrika uzithole esehamba phambili nozakwabo uJack Miller elandela endaweni yesibili.

Bebebukeka njengabashayeli abazonqoba owe-KTM, kodwa izinto sang ahambe kahle. 

Bobabili uBinder noMiller benze amaphutha kodwa uBagnaia uqhubekile nokuhola phambili.

Ubambelele ekuholeni, wawina isicoco sesithathu emsebenzini wakhe futhi waba ngomunye wabashayeli abambalwa abake bawina imiqhudelwano yomhlaba ilandelana.

Imiphumela ye-Valencia MotoGP NgeSonto 26 kuLwezi 2023 

1. UFrancesco Bagnaia (Ducati)

2. UFabio di Giannantonio (Ducati)

3. UJohann Zarco (Ducati)

4. UBrad Binder (KTM)

Esithombeni esingenhla: Umshayeli owine isicoco somhlaba uFrancesco “Pecco” Bagnaia. 

Umthombo wesithombe: MotoGP Mac

Izihloko zakamuva