UBabes Wodumo nothando  olusha

Othathwa njenge ndlovukazi yomculo weGqom, uBabes Wodumo udonse amehlo abantu ezinkundleni zokuxhumana echoma ngothando lwakhe olusha noSabelo Zuma waphinde wakhumbula umyeni wakhe ongasekho uMampintsha eqhathanisa uthando lwabo nolukaBeyoncé noJay-Z. 

Umculi wengoma eyashisa izikhotha ethi Wololo ongakalungeli ukugxekwa ezinkundleni zokuxhumana uvele wavala ukuthi abantu bakwazi ukuphawula ngakufakile.

Phakathi kwamahlebezi okuthi uthandana noSabelo, umculi waseNingizimu Afrika ongumbhali wezingoma uBabes ubengakasikhiphi isimemezelo esifakazela amahlebezi.

Kodwa isithombe asifakile sakhe noSabelo esihambisana nezinhliziyo eziluhlaza kuphakamisa indaba entsha yothando olukhulayo.

IZimoja ibike ukuthi uBabes noSabelo bayathandana.

Ngaphandle kokukhohlwa owayengumyeni wakhe uMampintsha, uBabes ufake isithombe sabo bobabili wabhala umyalezo othi ngashada ngaba nengane,” lowo myalezo uthinte abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: UBabes Wodumo.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva