UBabes Wodumo akamzilele uMampintsha 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Unkosikazi wesihlabani somculo weGqom esingasekho uMandlenkosi “Mampintsha” Maphumulo usematheni ngemuva kwevidiyo eveza  amagama athi akazilile, kodwa uyazidansela futhi uyaziphuzela.

UBongekile maSimelane Maphumulo odume ngelika “Babes Wodumo” uvele kwividiyo efakwe ngoLwesithathu ntambama  edansa ephethe isiphuzo.

Le vidiyo ithathwe ngoLwesibili ebusuku, ngesikhathi enandisa e-Views @25 Club e-Stamford Hill eThekwini.

“Angizilile, kodwa ngiyazidansela futhi ngiyaziphuzela,” kusho uBabes Wodumo kule vidiyo.

Uphinde waba sematheni ngemuva kokuzisholo yena emngcwabeni womyeni wakhe ukuthi udlule emhlabeni ngaphandle kokumnika inombolo yokuvula umakhalekhukhwini wakhe.

“Ngijabule kakhulu ngokuthola inombolo yokuvula umakhalekhukhwini womnyeni wami. Umnyeni wami ungithande kwaze kwaba sekugcineni. Manje zonke izingxoxo zenu ngizozifunda, kodwa anginendaba ngoba senginixolele nonke futhi anginibambele amagqubu,” ekhuluma kwividiyo esabalale ezinkundleni zokuxhumana.

Okhulumela umndeni wakwaMaphumulo, uZandile Maphumulo, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umndeni angeke uphawule ngamavidiyo kaBabes Wodumo abangakaze bawabone.

“Asifuni ukuphawula ngaye ngoba asikho ngisho ezinkundleni zokuxhumana.

Isithombe esingenhla: UBabes Wodumo emngcwabeni kaMampintsha

Umthombo wesithombe: The South African

Izihloko zakamuva