Ubabekazi waseNdlunkulu uhlose okunye ukuhlasela kuNkosi uMisuzulu

Celani Sikhakhane

INkosazana uThandi Ndlovu, owaziwa  ngobabekazi waseNdlunkulu kaZulu, useqale omunye umzamo wokubukela phansi igunya leSilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini.

Emzamweni wokuzuza ukwesekwa izinkulungwane zamabutho kaZulu, iNkosazana uThandi ukubeke kwacaca ukuthi akahambisani nesinqumo seSilo sokuxosha uMgilija KaZihogo zeLanga Nhleko, owayengumholi wamabutho.

Esitatimendeni esikhishelwe ukukhala ngokudlula emhlabeni kukaNhleko, ogama lakhe langempela nguMlandeni Ronald Nhleko, le nkosazana ithe uNhleko akakaze axoshwe esikhundleni sakhe.

Uthe kuze kube manje ayikho iNkosi eqokiwe okusho ukuthi akekho owayenelungelo lokumxosha kusukela aqokwa kulesi sikhundla yiSilo Samabandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu osakhothama eminyakeni eminingi edlule.

“UNhleko akakaze afulathele iNdlunkulu nangemva kokukhothama kweSilo uZwelithini. Uqhubekile nokuba ngumholi waleli butho waze waphefumula okokugcina,” esho esitatimendeni.

“Ozongena esikhundleni sakhe uzoqokwa iNkosi ezongena esihlalweni ngokusemthethweni uma umndeni usuphothule zonke izinhlelo zangaphakathi”.

Uphinde waxwayisa ngokuthi ngeke bavumele noma yibaphi osomathuba ukuthi bazibeke njengabaholi abasha bamabutho njengoba umndeni wasebukhosini usanquma ukuthi ubani ozoba indlalifa efanele yesihlalo sobukhosi.

INkosi uMisuzulu ixoshe uNhleko ngoNtulikazi ngemuva kokuhola amabutho eNkandla eyothembisa ukweseka owayenguMengameli wezwe, uMnu uJacob Zuma – ngaphandle kwemvume yeSilo.

UNhleko wayedume ngelika “Mgilija” isiteketiso esidabuka kusithakazelo sakhe uMgilitsha.

Kulindeleke ukuthi afihlwe ngoMgqibelo endaweni yaseHlalangwenya kwaNongoma.

Amaqembu akhe ezepolitiki, i-NFP kanye neNjeje yabeNguni, abelokhu ekhala ngokuthi uNdunankulu uMnu uSihle Zikalala amnikeze umngcwabo onesithunzi wesifundazwe, kodwa uhulumeni akaphenduli.

Izihloko zakamuva