Celani Sikhakhane
“Ubabekazi wasebukhosini ongumshokobezi” uthumele umyalezo oveza ukuthukuthela kuMangosuthu Buthelezi ngenxa yemizamo yakhe yokunqanda iSilo Samabandla, iNkosi uMisuzulu kaZwelithini ukuthi abonane nodadewabo iNkosazana uNombuso Zulu Chonco.
Umhlangano bekumele ube ngoLwesithathu kwaKhethomthandayo Royal Palace.
Ubuhlelwe yilowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma, njengoba ebekhathazekile ngokuthi ukulwa kwasebukhosini kubambezela ukugcotshwa kweNkosi entsha.
Inkosazana kanye nonina iNdlovukazi uSibongile MaDlamini, bafaka amaphepha enkantolo bephikisana nefa leSilo esingasekho uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, bechitha ukugcotshwa kweNkosi uMisuzulu.
Kodwa umhlangano awukaze wenzeke.
Indlovukazi uThembi Zulu Ndlovu ubhalele uMntwana uButhelezi umyalezo, obonwe yi-Scrolla.Africa, emsola ngokuvimbela iNkosi uMisuzulu ukuthi ihlangane neNkosazana uNombuso.
“Shenge, sididekile ngempela ngesinqumo sakho sokunqabela ingane yethu ukuthi ihlangane nodadewabo. Kungani wenqabile ukuthi ahlangane nodadewabo?” Kusho indlovukazi uThembi.
Ilungu lomndeni wasebukhosini litshele i-Scrolla.Africa ukuthi umhlangano ubuzoba yisixazululo ekuhoxisweni kwecala lasenkantolo.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, uButhelezi akazange aphike ukuthi uwuvimbile lo mhlangano, uthe iNkosi uMisuzulu uphoqelekile ukuthi awuchithe ngoba ubukhosi bakhe buphonswa inselelo enkantolo nguNkosazana uNombuso.
“Kuyaxaka ukuthi indlovukazi uThembi akakwazi ukubona ukuthi ukuphawula komphakathi kanye nezenzo zabantu abambalwa abezindaba ababebabiza ngamavukelambuso aseNdlunkulu uqobo lwabo yibo abasusa uthuthuva eNdlunkulu,” kusho uButhelezi.
Okhulumela uZuma, uVukile Mathabela uthembise ukuphawula ngemuva kokubonisana noZuma kodwa ngokuhamba kwesikhathi wazishaya indiva izingcingo zethu.