Ubabekazi ufuna umshana wakhe afunde isifundo ejele

Kabelo Tlhabanelo

Noma seyitholakele imoto yakhe ebiyebiwe ngeSonto, uKhunjulwa Ndlwayivulwa wenqabile ukusula amacala okweba abhekene nomshana wakhe.

Owesifazane waseMangaung e-Free State ufuna umshana wakhe oneminyaka eyishumi nesishiyagalolunye afunde isifundo ejele.

Le nsizwa enomlando wokusebenzisa kabi izidakamizwa, yathunyelwa esikhungweni sokuhlunyeleliswa kwezimilo izinyanga eziyisishiyagalombili ngaphambi kokuba ikhishwe ekupheleni kukaLwezi nyakenye.

Uthe usazoqhubeka nokumsiza uma ebuya ejele kodwa ufuna ajeziswe.

UKhunjulwa utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi imoto yakhe itholakale ngeSonto ngemuva kokwebiwa mhlaka zi-12 kuMasingana.

“Ubuyile ekupheleni kukaLwezi ngase ngicabanga ukuthi ungumuntu oseshintshile futhi. Kuyacaca ukuthi nganginephutha ngoba untshontshe imoto yami.”

Umshana uboshwe ngemuva kokunikelwa emaphoyiseni wathi umngani wakhe ontshontshe okhiye ephaketheni lakhe elele.

“Ngijabule ukuthola imoto yami kodwa angiwahoxisi amacala. Lokhu kukhombisile ukuthi usebuyele ezindleleni zakhe zakudala futhi ngifuna afunde isifundo ejele. Ngizophinda futhi ngimsize uma ephuma ngemuva kwesigwebo sakhe.”

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thandi Mbambo uthe: “Singakuqinisekisa ukuthi umshana waboshwa mhlaka zi-15 kuMasingana kwathi umsolwa wesibili waboshwa mhlaka zi-17 kuMasingana. Bobabili abasolwa babekwe icala lokusebenzisa imoto ngaphandle kwemvume yomnikazi benethuba lokunezela elinye icala. Imoto itholwe kumsolwa wesibili.”

Izihloko zakamuva