“UBABA WESIZWE” UFUNA UKUBA NGUMENGAMELI WE-CAF

Mmaditaba

Yini eyenza umuntu abesezingeni eliphakeme? Uzwelo, ukuphana, ukuthobeka nokuziphatha okungenakuphikiswa? Uma lokhu kuyisilinganiso kulula ukubona ukuthi kungani uPatrice Motsepe ethandwa kangaka.

Ungusozigidigidi onobuhle bomfana wakwamakhelwane. Wakhulela elokishini, e-Ga-Rankuwa, indodana kathisha wesikole owayenesitolo se-spaza ukuba ngusozigidigidi wokuqala omnyama eNingizimu Afrika. Wafunda amakhono akhe okuqala ebhizinisini esitolo futhi wazibonela mathupha ezimayini njengoba isitolo sasithandwa kakhulu ngabasebenzi basemayini.

Ngowezi-1980, uMotsepe wathola iziqu ze-Bachelor of Arts eNyuvesi yase-Swaziland futhi ngokuhamba kwesikhathi wanikezwa imvume ekhethekile yokubhalisa e-Wits, okwakuyisikhungo sabamhlophe kuphela ngaleso sikhathi, lapho athola khona iziqu kwezomthetho wamabhizinisi nezimayini.

Lokhu kumvulele indlela yokuba ngusomabhizinisi onezici ezahlukahlukene namuhla, ahlasela isicoco esihlonishwa kakhulu sokunguMengameli we-CAF. Ubuhlakani bebhizinisi lakhe abunakuphikwa kodwa yini eyenza igama lakhe laziwe kusukela eshibhini kuze kufike e-boardroom?

Indaba yakhe yempumelelo iyalandeka futhi ifike ezingeni elithile, isibonelo esihle sokuphila ngephupho laseNingizimu Afrika. Waba nguMengameli we-Mamelodi Sundowns ngowezi-2004 kanti kusukela lapho usehole leli qembu laphumelela ngokuthula izicoco eziyisikhombisa ze-Premier Soccer League waphinde wanqoba ne-CAF Champions League ne-CAF Super Cup. I-Downs bekuyiqembu lase-Afrika lonyaka ngowezi-2016. Le bekuyindlela yokuqala uMotsepe axhumane ngayo neningi labantu baseNingizimu Afrika, ngolimi abaluqonda kahle – ibhola likanobhutshuzwayo.

Ngowezi-2018, i-Motsepe foundation yalethela uMzansi ikhonsathi enkulu yonyaka lapho abashadikazi abangabaculi bamazwe omhlaba uJay-Z noBeyonce bedlala ndawonye okokuqala ngqa emhlabathini wase-Afrika kwi-Global Citizen Festival lapho abantu kwakudingeka bathole amathikithi ukuyobabuka.

Kwakungaleso sikhathi lapho athola khona ngisho nezinhliziyo zamakhosikazi asezweni. Unconyiwe wabizwa “ngobaba wesizwe” abanye bebethi kumele abe nguMengameli wezwe olandelayo.

Ushade noDkt uPrecious Moloi, ongudokotela nosomabhizinisi wezemfashini futhi uMengameli uCyril Ramaphosa noJeff Radebe bangosbali bakhe.

Ngokuqubuka kwesifo se-Covid-19, iSisekelo sathembisa ukunikela ngemali eyisigidi esisodwa samarandi ukusiza ukubhekana nalolu bhubhane. Kepha kwenzeka futhi ngonyaka wezi-2013 lapho athembisa khona ukunikela uhhafu wemali ayitholayo ekusizeni abampofu futhi ngalezi zenzo ezinkulu zokupha uPatrice Motsepe uqinisekise indawo yakhe ezinhliziyweni zabantu baseNingizimu Afrika kanye nase-Afrika yonkana. Usethole izindondo eziningi futhi wasebenzela izicoco eziningi kepha yisikhathi kuphela esizosho ukuthi lonke uthando nokunconywa kungamsiza yini ukuthi athole isicoco se-CAF.

Izihloko zakamuva