Ubaba wesihlabani sebhola lombhoxo uboshelwe elokukhwabanisa

Dylan Bettencourt

Ubaba kaBryan Habana odumile ebholeni lombhoxo nowayedlalela amaBhokobhoko uboshelwe ukukhwabanisa ngoMsombuluko ngamacala asukela eminyakeni emihlanu edlule.

UBernard Habana ubegcinwe esiteshini samaphoyisa e-Linden eGoli ngaphambi kokuvela eNkantolo yeMantshi yase-Randburg. Amaphoyisa endawo ebelokhu ephenya leli cala kusukela ngo-2017 eliye lahlehliswa wathola ibheyili ka-R1 000.

Ngokusho kwe-News24, imibiko iveza ukuthi uBernard wabanjwa ngemuva kophenyo olwathola ukuthi uzenza i-ejenti yenkampani yezokuvakasha.

Okhulumela amaphoyisa uDimakatso Sello ukuqinisekisile wathi “Umsolwa uboshwe ngomhlaka-30 kuNhlaba, ube esevela eNkantolo yeMantshi yase-Randburg.”

Elinye iphoyisa liveze ukuthi izisulu eziningi zokukhwabaniswa kwezindawo zokuvakasha zizovela njengofakazi bombuso ecaleni, iphoyisa litshele i-CityPress.

Icala lavulwa okokuqala ngoMbasa ngo-2015.

Isisulu esakhwabaniswa nguBernard ngencwadi yokuvakasha sivule icala esiteshini samaphoyisa e-Linden ngemuva kokuthi sikhokhe imali engu-R12 000 kwi-akhawunti yomsolwa nentombi yakhe, uMbali Mtetwa.

Ubaba kaHabana wake waba sohlangothini olubi lomthetho phambilini, ngo-2018 wasolwa ngokuqola usomabhizinisi wase-Angola imali engu-R1 million.

Waboshwa ngawo lowo nyaka ngokuhluleka ukukhokha isikweletu sakhe ehhotela eGoli.

Ubudlelwano phakathi kukaBryan Habana noyise babhekana nobunzima ngo-2010 ngesikhathi uBernard exoshwa esikhundleni sakhe njengomphathi kaBryan ngemuva kokutholakala ukuthi ubentshontshela lo mdlali.

Lo owayengumdlali wamaBhokobhoko washiya umsebenzi wakhe wokudlala ibhola lombhoxo ngo-Mbasa ngo-2018 ngemuva kokudlala imidlalo engaphezu kweyikhulu eqenjini elikhulu, okuhlanganisa nokuba seqenjini lamaBhokobhoko elanqoba iNdebe yoMhlaba ngo-2007.

Umthombo wesithombe: @Citypress

Izihloko zakamuva