Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Umlilo oqale ku-wardrobe ubulale amalungu amathathu omndeni wakwaFokwana eKapa.
UNobentungwa Fokwana (43) wasemijondolo yakwaLevel 2 eKhayelitsha, eKapa ushonelwe ngumyeni wakhe, uMasakhane Ntoyakhe, nendodakazi yakhe, u-Owethu Qeqe, nomzukulu, uHlumelo Fokwana ngoMgqibelo ebusuku.
“Bengilele nomyeni wami ekamelweni lethu ngesikhathi ebona ukuthi u-wardrobe wethu uyasha. Izingane bezilele ekamelweni elihlukile,” kusho uFokwana obedangele.
“Sibalekele ngaphandle sicabanga ukuthi izingane zingaphandle, kodwa lapho sibona ukuthi sizishiye ngaphakathi, umyeni wami wagijima wabuya ngaphakathi eyazama ukuzisindisa.”
Ngesikhathi umyeni wakhe esabuyele ngaphakathi emjondolo umlilo uvele wamkhulu kakhulu.
“Uzamile ukuphuma kodwa ubesevalelekile. Akakwazanga ukuphuma nezingane uzame waze washona. Siqale samuzwa ememeza ethi uzama ukuphuma kodwa umlilo ubugcwele yonke indawo, wangakwazi,” kusho uFokwana.
Ngesikhathi umyeni wakhe ezama ukuphuma uvele wathandaza.
“Ubeyisangoma futhi ngesikhathi ephindela eyohlenga izingane bengingacabangi ukuthi angeke abuye. Ngithandaze ngacela uNkulunkulu namadlozi ukuba abe naye kanye nezingane, kodwa akwenzekanga. Uyiqhawe lethu nakuba engakwazanga ukusindisa izingane.
“Ngizobakhumbula bonke. Umyeni wami ubengumuntu othandekayo othanda ukusiza abantu. Ubengafuni ukubona umuntu ehlupheka yingakho equnge isibindi wabuyela ngaphakathi ukuyosiza izingane.
“Ngokuqondene nendodakazi yami kanye nomzukulu wami, babeyizingane ezithandekayo ezithanda ukwenza amahlaya. Babenekusasa elihle phambi kwabo, kodwa ngicabanga ukuthi uNkulunkulu ubenezinye izinhlelo ngabo,” kusho uFokwana.
Okhulumela abezicishamlilo nokuhlenga uJermaine Carelse usiqinisekisile lesi sigameko.
“Abasebenzi baseMfuleni, eKhayelitsha naseMitchells Plain bathunyelwe endaweni yesigameko bathola kusha. Ngemuva kwehora lesine ekuseni izicishamlilo zikwazile ukucisha umlilo ocekele phansi isakhiwo washiya abantu abayishumi besale dengwane.
“Okubuhlungu ukuthi kutholwe izidumbu zowesilisa osekhulile, owesimame kanye nengane encane enamanxeba okusha. Izimo ezidale lesi sigameko ziphenywa ngamaphoyisa aseNingizimu Afrika,” kusho uCarelse.
Esithombeni esingenhla: UMasakhane Ntoyakhe obeyisangoma saselokishini laseKhayelitsha oshone ngesikhathi kusha umjondolo ezama ukuhlenga u-Owethu Qeqe noHlumelo Fokwana.
Umthombo: Sithunyelwe