Ubaba ushone ezama ukusindisa indodakazi

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ngesikhathi uSiyakudumisa Mbombo ebona indodakazi yakhe eneminyaka emihlanu ubudala ishokhwa ugesi, uzame ukuyiza kanti akabuzanga elangeni. 

USiya uphuthume eduze kwendodakazi wazama ukuyisusa kulentambo eshokhayo kodwa ngeshwa ugesi washokha yena washona. Indodakazi yakhe uLekeysha Meyer ilimale kabi kanti uyelulama esibhedlela eDora Nginza eGqeberha.

Lesi sigameko senzeke ngoMgqibelo emijondolo yaseVastrap eBooysen Park, eGqeberha.

UMercy Meyer obethandana noSiya futhi ongunina wezingane zakhe uthe unosizi nokukhathazeka selokhu kwenzeke lesi sigameko.

“Ngiyalibonga ithuba lesibili elitholwe indodakazi yethu ecishe yashona, kodwa ukwenzeke kuSiya kungishaye kakhulu. USiya ushone njengeqhawe, esindisa ingane yethu encane isibindi sakhe ngiyihlala ngiziqhenya ngaso kodwa futhi siyisikhumbuzo esimbi esivule isikhala esikhulu empilweni yami,” kusho uMercy.

UMercy obesethandane noSiya iminyaka eyisikhombisa edlule, uthe uLekeysha ubedlala esihlabathi nabangani bakhe ababili endaweni evulekile eduze komuzi kamakhelwane wabo.

Yena noSiya babikelwe ngesigameko ngomunye wabangani bendodakazi yabo ngemuva kwehora lesibili ntambama ngoMgqibelo.

“Sibone uLekeysha eqhwisha nezintambo ebezimbambile,” kusho uMercy. “USiya ubambe intambo ngezandla zakhe okuyilapho aqala khona ukuvevezela.”

Umfowabo kaSiya, uXolisa (31) uthe isithombe sikamfowabo nendodakazi yakhe beshokhwa ugesi sisamile emqondweni wakhe.

“Ngibona umfowethu ezama ukumsindisa. Bekungesona isithombe esihle ukusibuka bobabili beshokhwa ugesi,” esho izinyembezi zigcwele amehlo.

Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape uKaputeni uSandra Janse van Rensburg uthe loludaba luyaphenywa.

“Ngingaqinisekisa ukuthi ukushona kwakhe kubikwa emaphoyiseni ase-Chatty eBethelsdorp. Kodwa akukho okusolisayo kuloludaba.”

Esithombeni esingenhla: Ubaba osindise indodakazi yakhe uSiyakudumisa Mbombo.

Umthombo Wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva