Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Ubaba kuthiwa udlwengule indodakazi yakhe eneminyaka eyisishiyagalombili wabe eseyitshela ukuthi isole umakhelwane wabo ngaleli cala.
Icala liqhamuka ngesikhathi kwanda udlame lokuhlukunyezwa kwezingane e-Eastern Cape.
Ubaba wase-Sugarbush e-Mount Ayliff uboshiwe ngezinsolo zokudlwengula indodakazi yakhe eneminyaka eyisishiyagalombili wabe eseyiphoqa ukuthi isole umakhelwane wabo.
Amaphoyisa abophe umakhelwane ngemuva kokuthi abazali bentombazane bemvulele icala. Kodwa ngesikhathi sophenyo, intombazane encane iveze ukuthi umenzi wobubi nguyise.
“Itshele amaphoyisa ukuthi uyise useyidlwengule izikhathi eziningi wathi ayisho ukuthi ngumakhelwane oyidlwengulile,” kusho umthombo osondelene nomndeni.
Kuthiwa ubaba ubehola imibhikisho efuna ubulungiswa ngomakhelwane omsulwa.
“Ubaba ubonakale ethwele indodakazi yakhe emhlane,enza sengathi ufunela indodakazi yakhe ubulungiswa. Le nto ayenzile inonya futhi iyihlazo kufana nokuntshontshela umuntu bese uyamsiza ngokubheka isela,” kwengeza umthombo.
Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape uBrigadier Nobuntu Gantana ukuqinisekisile ukuboshwa kukababa.
“Umsolwa uboshiwe kanti uzovela enkantolo ngomhlaka-15 kuMbasa,” kusho uGantana.
Uthe amaphoyisa awakwazi ukuphawula ngoba eminye imininingwane iyingxenye yophenyo oluqhubekayo.
Leli cala liza ngesikhathi inyuka imibiko yokudlwengulwa kwezingane, kulandela isigameko sakamuva sokudlwengulwa kwengane eneminyaka eyisikhombisa ubudala emagcekeni esikole.
Ngesonto eledlule amaphoyisa abophe usingababa ngecala lokudlwengula nokukhulelisa indodakazi yakhe angayizali eNtabankulu.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Welile Matyolo, ukukhulelwa kutholakale ngoMbasa.
“Imininingwane emaphoyiseni ikhomba ukuthi isisulu sadlwengulwa ngoZibandlela ka-2024, kwabonakala ukuthi sikhulelwe ngoMbasa ka-2025. Unina wavula icala lobugebengu,” esho.
Esithombeni esingenhla: I-poster efuna kuqedwe udlame olusekelwe kubulili.
Umthombo wesithombe: Facebook