Ubaba uboshelwe ukuzidlisa ushevu nezingane ezimbili ngemuva kwengxabano

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ubaba oneminyaka engu-30 ubudala uzovela eNkantolo yeMantshi yaseStilfontein ngoMsombuluko ngezinsolo zokubulala indodana yakhe eneminyaka emibili ubudala.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseNorth West, uLieutenant Colonel Amanda Funani, umsolwa ube nengxabano eshubile nomama wezingane zakhe ezintathu ngaphambi kokuthatha lesi sinyathelo esibi.

“NgoLwesihlanu ebusuku, ngomhlaka-30 kuNcwaba, ubaba waya endlini yentombi yakhe eKanana, ngaseKlerksdorp, wafuna izingane zakhe ezintathu, eneminyaka eyisishiyagalombili, emine neneminyaka emibili,” kusho uFunani.

Umama wezingane, (27), uvumile ukuthi zihambe ngoMgqibelo ekuseni, kodwa uma umfowabo ehamba nazo. Ngesikhathi befika endlini yakhe, ubaba ujikise umalume wezingane, wamphindisa emuva, kwasala yena nabafana ababili, lona oneminyaka emibili noneyisishiyagalombili. Umalume wezingane uthathe ingane le eneminyaka emine wayiyisa waphinda nayo kumama wayo.

Ngokuhamba kwesikhathi umama uthole ucingo luvela kuyise wezingane emxwayisa ngokuthi kukhona okubi okuzokwenzeka. Esethukile wathinta ugogo wezingane omazisile ukuthi ubaba nabafana ababili baphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokuthi uyise esolwa ngokubadlisa ushevu bobathathu.

“Ingane eneminyaka eyisishiyagalombili ayizange iwugwinye ushevu,” kusho uFunani. Okudabukisayo ukuthi ingane eneminyaka emibili ishonele esibhedlela, uyise waboshwa ngemuva kokuphuma ngoLwesine esibhedlela.

UKhomishana wamaPhoyisa eNorth West, uLieutenant General Sello Kwena, usigxekile lesi sigameko, wathi ingane ishone ngomuntu obekumele ngabe uyayivikela. UKwena uphinde wancoma uphenyo olusheshayo oluholele ekuboshweni kukababa.

Esithombeni esingenhla: Isithombe esiwumfanekiso.

Umthombo: SAPS

Izihloko zakamuva