NgoLwesithathu, lowo owayengu-COO we-BOSASA uAngelo Agrizzi unqatshelwe ibheyili enkantolo ephathelene nobugebengu e-Palm Ridge.
Uvele kanye nasolwa naye uVincent Smith, ongaphandle ngebheyili ngamacala okukhwabanisa nenkohlakalo avela ekufumbathiseni yena noma i-BOSASA eyakhokhela uVincent Smith kanye nenkampani yakhe, i-Euroblitz.
Uphiko lwezokuPhenya lathi, uAgrizzi wasenga ezimithiyo esitatimendeni sakhe esifungelwe sebheyili somhla zi-6 kuNhlolanja ngowezi-2019, asifaka ngemuva kokuboshwa kwakhe ngoNhlolanja kowezi-2019. Phambilini watshela inkantolo ukuthi “Mina nomkami sinezimpahla ezihambayo ezinenani elilinganiselwa kwizigidi ezi-R2.65 kanye nempahla enganyakaziseki ebiza inani elicishe libe yizigidi ezi-R14”.
Iqiniso ukuthi kusukela ngomhla zi-6 kuNhlolanja kowezi-2019, abakwaAgrizzi babephethe izimpahla ezihambayo (ngaphandle kwefenisha yasendlini, ubucwebe nobuciko) ezibiza izigidi ezi-R35.6 hhayi izigidi ezi-R2.65 ebezishiwo nguAgrizzi. Ngaleso sikhathi uthe “unendawo ehleli angeke akwazi ukulahlekelwa yiyo.”
Akazange adalule ukuthi leyo mpahla empeleni ingeyomndeni wakwaAgrizzi efakwe ngaphansi kwe-Family Trust, futhi ibisetshenziswa njengesibambiso semalimboleko eyenziwe nguAgrizzi qobo lwakhe ebhange lase-ABSA.
Mhla zingama-24 kuMasingana kowezi-2019 wayekweleta ibhange lase-ABSA izi-R7 953 939.52, futhi akakaze ayikhokhe imali ebolekiwe kusukela mhla zi-1 kowezi-2019. I-family trust isanda kuzama ukuyidayisa le ndawo ukuze ikhokhele ibhange lakwa-ABSA.
UAgrizzi futhi akazange adalule ukuthi wayenobudlelwano obuqinile nezwe lase-Italy. Uhlulekile ukuhambisa enkantolo iphasiphothi yakhe yase-Italy, ethi ilahlekile. Okubaluleke kakhulu, wehluleka ukudalula ukuthi phakathi komhla ziyi-11 kuZibandlela kowezi-2018 kuya kumhla zi-19 kuMasingana kowezi-2019, ngaphambi, nangesikhathi evele phambi kweKhomishini kaZondo yoPhenyo ngokubanjwa kombuso, wadlulisela izigidi ezi-R11.98 kwathi unkosikazi wakhe wadlulisela izigidi ezi-R11.99 kuma-akhawunti aphesheya kwezilwandle.
Iziphathimandla zase-Italy zikuqinisekisile ukuthi bobabili uMnu noNkk Agrizzi bavule ama-akhawunti asebhange e-Italy lapho izimali ebezisuka eNingizimu Afrika zadluliselwa khona.