UAce uziphindiselela kwiKhomishini Yobuqotho ye-ANC

“Labo abafuna ngihambe kumele bakhohlwe yilokho”

Lungani Zungu

UNobhala-Jikelele we-ANC, uAce Magashule uthi akukho lapho eya khona, ephebeza okutholwe yiKhomishini yoBumbano okumele ayishiye ngokushesha.

UMagashule namasosha akhe badelele bathi, uzohlala esikhundleni sakhe kuze kube ama-branch e-ANC amtshela ukuthi akahambe.

“Ngakhethwa ngama-branches e-ANC futhi yibona kuphela abangangisusa. Labo abafuna ngihambe kumele bakhohlwe yilokho,” kusho uMagashule etshela abakwa-Scrolla.Africa.

I-National Executive Committee (NEC) ye-ANC yisona kuphela isakhiwo esinamandla okususa unobhala-jikelele, okuyisikhundla esikhethwe ngokugcwele.

I-NEC, ngokusebenzisa ikhomishini yaphakamisa ukuthi uMagashule amiswe emsebenzini kusalindwe imiphumela yecala lakhe lokukhwabanisa nenkohlakalo.

UMagashule uthe, le yimpi yezepolitiki.

Iqembu lithe, awukho umhlangano oyisipesheli we-NEC ozohlangana ukudingida isiphetho sakhe.

Okhulumela iqembu uPule Mabe uthe, okwamanje uMagashule uzoqhubeka nemisebenzi yakhe.

UMabe uthe, umhlangano owodwa kuphela we-NEC ozoba ngoNhlolanja ukudingida imigubho yokuzalwa kweqembu ozoba se-Limpopo mhla zi-8 kuNhlolanja.

Abalandeli bakaMagashule abazikhandlayo bamile kwelokuthi uzoqeda isikhathi sakhe esizophela ngowezi-2022. Bafunga ukuthi bazomvotela njengomengameli olandelayo we-ANC.

UMengameli Womakadebona Bezempi Umkhonto weSizwe uKebby Maphatsoe, uthathe umsebenzi kwiKhomishini Yezobuqotho, wathi iningi lamalungu alo alinabo ubuqotho.

“Sizomeseka uNobhala-Jikelele wethu ngoba kuyacaca ukuthi izimpisi zifuna ukumzwisa ubuhlungu,” kusho uMaphatsoe etshela abakwa- Scrolla.Africa.

Usihlalo weKhomishini Yezobuqotho, uGeorge Mashamba, wenqabile ukuphawula.

Isithombe: @magashule_ace

Izihloko zakamuva