UACE UTHOLA IBHEYILI NGEMUVA KOKUZINIKELA KOKLEBE

Vincent Mcneao and Lungani Zungu

Isikhulu se-ANC uAce Magashule uphume enkantolo ngebheyili yemali eyizi-R200,000 ngoLwesihlanu.

Kube wusuku lodweshu oluphezulu ecaleni likaMagashule lokukhwabanisa nenkohlakalo, ngenkathi amaphoyisa evimba abalingani bakhe ababili abasondelene naye ukuthi bangene enkantolo, ngenkathi abalandeli bakhe bejabula ngaphandle.

Bekunomoya wenjabulo ngaphandle eNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein ngenkathi uNobhala-Jikelele we-ANC uAce Magashule efika ezobhekana namacala okukhwabanisa.

Yize ayethe akalindele ukuthi abantu beze enkantolo, akumangazi ukuthi abantu abaningi bebesemigwaqweni becula bethi, “Izandla azisuke kuAce Magashule, azisuke izandla!” Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMagashule enxuse abalandeli bakhe ukuthi bangabeki ubuso bakhe ezikibheni zabo ngenkathi behlangene ukuzokhombisa ukumeseka.

UMagashule uzinikele koKlebe e-Bloemfontein ngoLwesihlanu wabe eseyiswa enkantolo. Ekufikeni kwakhe waba nomhlangano oyimfihlo namalungu e-ANC, kubalwa nomkhulumeli weqembu uPule Mabe. Izintatheli zadudulwa ngabezokuphepha. Wabe esengena esiteji wakhuluma nezihlwele.

Phakathi kwabantu abebekhona kubalwa owayenguNdunankulu wase-North West uSupra Mahumapelo, owayenguNgqongqoshe wezeziMali uMnu Malusi Gigaba, iMeya yase-Kurhuleni uMzwandile Masina, okhulumela i-ANC kuzwelonke uMnuz Pule Mabe, owayenguNgqongqoshe wezokuThutha uJoe Maswanganyi nelungu le-NEC uMnu Tony Yengeni.

UMahumapelo noCarl Niehaus, abasesithombeni ngenhla, bavinjelwe ukungena enkantolo.

UMagashule utshele abantu ukuthi kukhona amaqabane aqashwe abezindaba ukungcolisa igama lakhe wathi uzonikeza imininingwane ngabantu futhi abachaze “njengalabo ababebanga umsindo.”

Uthe akaze athathe ngisho isenti wathi uzodalula abanye ngesikhathi esifanele futhi uzokwenza isambulo esikhulu esontweni elizayo.

“Ngizohlala bukhoma odabeni ngikunikeze indaba ezonyakazisa iNingizimu Afrika,” uyasho.

UMagashule unikezwe ibheyili yemali eyizi-R200,000 kanti uzophinde avele mhla ziyi-19 kuNhlolanja ngonyaka ozayo.

Okhulumela i-NPA uSipho Ngwema uthe banecala eliqinile. Uthe okungenani abanye abasolwa abathathu bazojoyina uMagashule ephepheni lamacala .

Ngemuva kwalokho uMagashule utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi alikho iqiniso enkulumeni mayelana nezifiso zakhe zobuMengameli. “Anginazifiso zokuba ngumengameli.”

Ebuzwa ukuthi ngabe uzongenela yini isikhundla sobuholi uma iqembu libamba ingqungquthela yalo yokukhetha ubuholi kowezi-2022, uthe, “Sizoliwela lelo bhuloho uma sifika kulo.”

Ividiyo: NewzroomAfrika

Izihloko zakamuva