
UAce Magashule nguyena osinde kakhulu kwezepolitiki ngonyaka wezi-2020.
Isinqumo sengqungquthela se-ANC sowezi-2017 sokuthi noma ngubani obekwe icala lokukhwabanisa nenkohlakalo kumele ehle esikhundleni sakhe kuze kube izinkantolo zithi akanacala bekufanele simngcwabe unomphela uMagashule.
Kepha hhayi uAce.
UNobhala-Jikelele we-ANC ubhekene namacala angama-21 okukhwabanisa nenkohlakalo asukela emalini eyizigidi ezingama-R250 yamathenda e-asbestos.
Emhlanganweni wokugcina wesigungu esiphezulu seqembu (i-NEC) yeqembu, izikhulu ze-ANC zathola imibono emithathu yezomthetho ngokuthi singasetshenziswa kanjani isinqumo esathathwa engqungqutheleni yase-Nasrec.
Amalungu e-NEC akhethe ukuzibeka phansi izinduku futhi amukela isiphakamiso esenziwe nguMagashule sokuthi kumele azethule eKomidini Lobuqotho le-ANC.
Ngemuva kweviki, ikomidi laveza ukuthi uMagashule aphoqeleke ukuthi aphume esikhundleni noma amiswe emsebenzini.
Ikhalenda lezepolitiki liphele ngaphambi kokuba kwethulwe izincomo zekomidi lezobuqotho ku-NEC.
Kepha akukhathalekile, uMagashule uhlezi edelela, ethi yizithunywa kuphela engqungqutheleni ekhethekile noma eMkhandlwini Kazwelonke wango-2021 abazoba namandla okumsusa esikhundleni.
UMagashule, ongumlingani owaziwayo walowo owabe enguMengameli wezwe uJacob Zuma, uthe izicelo zokuthi asuswe esikhundleni ziqhutshwa yitulo lezepolitiki elenzelwe ukudicizelela phansi isikhundla sakhe esizayo eqenjini elibusayo.
Umthombo wesithombe: @magashule_ace