U-Southgate ushiye phansi esokuqeqesha i-England 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

UGareth Southgate wesulile njengomqeqeshi we-England ngemuva kweminyaka eyisishiyagalombili, kulandela ukuhlulwa kweqembu ngo 2-1 yi-Spain kowamanqamu we-European Championships e-Berlin.

“Sekuyisikhathi soshintsho nesahluko esisha,” kusho uSouthgate.

Ube ngumqeqeshi we-England kusukela ngo-2016 ngemuva kokushiya kukaSam Allardyce. 

U-Southgate wenza kahle kakhulu ngokukhulu ukushesha, eholela i-England kuma-semi-final ayo okuqala eNdebe yoMhlaba eminyakeni engu-28 ngo-2018 kanye nowamanqamu wabo wokuqala omkhulu wabesilisa eminyakeni engu-55 ku-Euro 2020. 

Kulo nyaka, bafinyelele kowamanqamu okokuqala emazweni angaphandle.

U-Southgate oneminyaka engu-53 ubudala ukholelwa ukuthi iqembu elincane linekusasa eliqhakazile. 

“Iqembu esaliyisa e-Germany ligcwele abadlali abasebancane abanethalente elithokozisayo, futhi bangayiwina indebe sonke esiphupha ngayo,” usho kanje.

Ubonge abasebenzi nabalandeli bakhe abamesekayo: “Sinabalandeli abahamba phambili emhlabeni jikelele futhi ukwesekwa yibo kusho lukhulu kimi. 

“Ngingumlandeli we-England, futhi ngiyohlala njalo nginguye.”

Esithombeni ngenhla: UGareth Southgate.

Umthombo wesithombe: @england

Izihloko zakamuva