U-R Kelly ugwetshwe (30) ngawocansi

Arthur Greene

Umculi owake wahlonishwa uR Kelly ngoLwesithathu ugwetshwe iminyaka engu-30 ebhadla ejele ngamacala okuhlukumeza ngokocansi abesifazane nezingane.

Ngonyaka odlule uKelly, ogama lakhe langempela nguRobert Sylvester Kelly, walahlwa amacala  ayisishiyagalolunye abebhekene nawo.

Ngaphambi kokugwetshwa kwakhe, idlanzana labesifazane ababeyizisulu zikaKelly bethula ubufakazi mayelana ngaye.

Owesifazane okuthiwa u-Angela wamtshela ukuthi “wakhulela ebubini” nazo zonke izisulu ezintsha.

Omunye, uLizette Martinez, watshela uKelly ukuthi wamxhaphaza eneminyaka engu-17 ngokumthembisa umsebenzi wokucula. “Robert, ucekele phansi izimpilo zabantu abaningi,” emtshela.

Ngemuva kokumgweba, ijaji lesifunda laseMelika u-Ann Donnelly ukhulume ngokuqondile noKelly wathi, “La macala enziwa ngamabomu, ahlelwa ngokucophelela futhi aqhubeka nokwenziwa iminyaka ecishe ibe ngu-25. Wabafundisa ukuthi uthando lunobugqila nobudlova.”

UKelly akazange aphendule.

Ukuphakama kwempumelelo yangaphambilini kaKelly njengomculi kanye nezinga lakhe lokuhlukumeza ngokocansi kumenze waba ngusaziwayo ohamba phambili ngamacala okuhlukumeza ngokocansi eminyakeni yakamuva. Kanti ukuwa kwakhe ngemuva kokulwa ngempumelelo nalezi zinsolo iminyaka ecishe ibe ngu-30 kuletha injabulo  kwizisulu ezihlukunyezwayo.

Waziwa kakhulu ngezingoma ezimbili ezithi-“I Believe I Can Fly” nethi-“Ignition (Remix)” kodwa ngisho nangaso leso sikhathi ayejabulela ngaso impumelelo yalezi zingoma emashumini amabili eminyaka edlule, ubebhekene nezinsolo ezibucayi zokuhlukumeza ngokocansi.

Lezi zinsolo zaqala ngo-1994, lapho okwavela khona ukuthi uKelly ushade nomculi osemncane u-Aaliyah emcimbini oyimfihlo e-Chicago. U-Kelly wayeneminyaka engu-27 ngaleso sikhathi kanti u-Aaliyah wayeneminyaka engu-15 nje kuphela.

UKelly wabhekana nezinye izinsolo zokuhlukumeza eminyakeni eyishumi eyalandela, ezimbi kakhulu kuzo zaba ngo-2002 ngesikhathi ebekwa amacala angu-21 okwenza amavidiyo ahlukumeza izingane ngokocansi.

Icala lithathe iminyaka eyisithupha ukuthi liqulwe kanti amajaji agcine ethathe isinqumo sokuthi abukho ubufakazi obushoyo ukuthi intombazane ecula kumavidiyo ingaphansi kweminyaka efanele.

Ngo-2017, kwashicilelwa i-athikili i-Buzzfeed eyanikeza ubufakazi babesifazane abayisithupha ababesola uKelly ngokuthi wayebavalele “ohlelweni lezocansi” oluhlukumezayo.

Eminyakeni emibili kamuva kwasakazwa idokhumentari yamahora ayisithupha ye-Lifetime ebizwa ngokuthi, i-Surviving R. Kelly, okwaholela ekutheni lo mculi abekwe amacala amasha.

Ngalesi sikhathi, umphakathi kanye nemboni yomculo babengasakwazi ukubekezelela izinsolo ezazinqwabelana mayelana naye, wabe esexoshwa inkampani yakhe yokuqopha nomphakathi wamduba.

Kodwa ukuwa kukaKelly akukakapheli. Uzovela enkantolo ngoNcwaba ngezithombe zocansi lwezingane kanye namacala okuvimbela ukuboshwa.

Umthombo wesithombe: @ajplus

Izihloko zakamuva