U-Push Push uphusha imingcele

Sizwe Sibiya

Umculi wesifazane waseNingizimu Afrika wephula imingcele ngezwi lakhe elisa-electro.

Wazalelwa e-Port Elizabeth, umculi onezinwele ezi-blonde uPush Push ukhulisa isisekelo sabalandeli bamazwe aphesheya futhi uvulela abantu baseNingizimu Afrika abaningi, njengaye, isibindi sokuzama inhlanhla enkabeni yakho konke edolobheni lase-United States i-Los Angeles.

UPush Push, owaziwa ngelika Nicci St Bruce, ukhiphe i-EP yakhe yokuqala ebizwa ngokuthi-‘No Gods’ ngoMfumfu ngowezi-2020, ngemuva kweminyaka emithathu kudlalwe ama-raps akhe ohlelweni lwe-Comedy Central, e-Broad City, kanye no-Okmalumkoolkat waseThekwini nomculi ophinde abe umdidiyeli waseKapa uThor Rixon.

UPush Push wake wathi ngeke enze iphrojekthi kuze kube yilapho kufika umuntu esekulungele ukumkhokhela, kodwa kubonakala sengathi ushintshe inhliziyo ngemuva kokusebenzisana kwakhe nomsunguli weqembu lomculo we-rap-metal i-Meths of Mayhem uTommy Lee engomeni esihloko sithi ‘Tops’.

Kukhona isibindi nobuhlani kumavidiyo akhe omculo awopopayi alandela ukuzethemba akuthole esasebenza njenge-stripper nangalesikhathi engumfundi wezomthetho kanye ne-blogger.

Lokho kwakungaphambi kokuba angene emculweni nomyeni wakhe uMoon Bounce, osize ekukhiqizeni iningi lezingoma zakhe – kubandakanya nayi i-No Gods EP.

Izihloko zakamuva