Lubhalwe nguDylan Bettencourt
UKamogelo Sebelebele ushaye igoli elilodwa ngesikhathi i-Orlando Pirates ihlula iStellenbosch FC ngo 1-0 e-Orlando Stadium emdlalweni wayo wokuqala ewuwinile weligi kule sizini.
Umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou uyincomile impi yabadlali bakhe kodwa waxwayisa ngokuthi “bazidedelile kancane izintambo” ngesiwombe sesibili futhi kumele benze kangcono ngaphambi kokubhekana neMamelodi Sundowns.
I-Orlando Pirates igcine iwinile okuqala kule sizini ngokuhlula iStellenbosch FC ngo 1-0 e-Orlando Stadium.
UKamogelo Sebelebele ushaye igoli ngesiwombe sokuqala ngeshodi elinamandla elimangaze izivakashi laphinde lajabulisa abalandeli bamaBhakabhaka.
Kube nenjabulo kuPirates, elahlekelwe yimidlalo emibili yokuqala ibhekene neSekhukhune United noMarumo Gallants.
Umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou uthe ujabule ngabalandeli asebelinde amasonto amathathu ukuthola amaphuzu amathathu. Uncome indlela abadlali bakhe abawakhe ngayo amathuba esiwombeni sokuqala.
Kodwa uvumile ukuthi iqembu licishe layidedela iStellenbosch emdlalweni ngemuva kwekhefu. “Ngesiwombe sesibili, ngicabanga ukuthi sizidedelile izintambo futhi ngicabanga ukuthi kufanele sikhuphule amasokisi kulokho uma sifuna ukuya phezulu,” kusho u-Ouaddou etshela iSuperSport TV.
Lo mqeqeshi uthe ufuna ezakhe zengeze okuhlukile endleleni yazo yokudlala. “Ngibheka imidlalo yezikhundla, isikhala phakathi kwemigqa … Kufanele siguqule indlela yethu yokudlala, hhayi lokho kuphela, kodwa bekujabulisa namuhla.”
IPirates isigxile emdlalweni wesibili owandulela owamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo lapho izobhekana khona neMamelodi Sundowns eLucas Moripe Stadium. Sebebambene ngokulingana ngemuva kokuthi umdlalo wokuqala uphele ngo 1-1.
Isithombe esingenhla: I-Orlando Pirates idlala neStellenbosch.
Umthombo wesithombe: @orlandopirates
