U-NSFAS uchithe izicelo zabafundi eziningi 

I-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS) yenqabe izicelo zabafundi cishe ezingu-160,000 zonyaka wokufunda ka-2023. Lokhu kungenxa yokuthi abafake izicelo abazange bahlangabezane nemibandela yokuxhaswa ngezimali.

USihlalo webhodi le-NSFAS, u-Ernest Khosa ukhulume esithangamini nabezindaba noMnyango wezeMfundo ePhakeme nokuqeqeshwa ngoLwesibili wathi, lolu hlelo luthole izicelo ezingaphezu kuka-1.6 million. Lelo inani eliphakeme kakhulu selokhu lasungulwa ngo-1999.

‘’Kubalulekile ukuthi abafake izicelo abangaphumelelanga bazi ukuthi banalo ithuba lokuphikisa izinqumo zika-NSFAS ngokuletha amaphepha afanele phakathi komhlaka-20 kuMasingana kuya kumhlaka-20 kuNhlolanja ngo-2023,’’ kusho uKhosa.

UKhosa uphinde waveza ukuthi zingu-613,909 izicelo eziphumelele, ngokusho kwe-Sowetan. Kulesi sibalo bangu-338,320 abafundi abazoqhubeka nemfundo yabo kanti bangu-275,589 abafundi abasha.

Izicelo ezingu-210,679 zisahlolwa ngokwemibandela yokufaneleka kwazo, kanti ezingu-149,202 zisalinde ukugunyazwa kwezemfundo. Abanye abangu-273,746 basalinde ukuhlolwa, kusho uKhosa.

Izicelo zokuxhaswa kwabafundi zivaliwe phakathi kwamabili ngoLwesibili ngoMhlaka-31 kuMasingana.

Khonamanjalo uNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uBlade Nzimande umemezele izibonelelo zaminyaka yonke zabafundi basemaNyuvesi abaxhaswe uNSFAS kanye namakolishi e-Technical Vocational Education and Training (TVET).

UNzimande uthe abafundi basemaNyuvesi abahlinzekwa ngendawo yokuhlala nokudla bazothola u-R61,500. Abaphuma emaNyuvesi anganikeli ukudla bazothola u-R45,000 wendawo yokuhlala kanye no-R16,500 wesibonelelo sokudla.

Abafundi abahlala emakhaya bazothola isibonelelo sika-R16,500 kuphela.

Bonke abafundi basemaNyuvesi bazothola imali elinganayo ka-R5,460 yokuthenga izincwadi.

‘’UNSFAS ingenye yezinhlelo zokungenelela eziyimpumelelo nezinomthelela kakhulu kuhulumeni wakuleli kusukela ngo-1994,’’ kusho uNzimande. Umthelelo osube nawo kubantu abangakwazi ukuzikhokhela mkhulu kakhulu.”

Luhlanganiswe ngu-Anita Dangazele

Isithombe esingenhla: Usihlalo webhodi lika-NSFAS u-Ernest Khosa ekhuluma nabezindaba

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva