U-Netflix nochungechunge olusha

Sizwe Sibiya

Njengoba kuzophuma uchungechunge olusha i-The Brave Ones, ekugcineni imboni yamafilimu yakuleli izongena ezweni elimangalisayo lonkulunkulukazi namaqhawe ase-Afrika.

U-Netflix usumemezele ukukhishwa kochungechunge lwayo oluzayo olungaphezu kwemvelo, oluzokwethulwa kule ntwasahlobo ngomhlaka-16 kuMandulo olunobuso babalingisi abajwayelekile.

“Lolu chungechunge lusungulwe umqondisi odumile wamafilimu, umbhali nophinde abe umlingisi u-Akin Omotoso, ochungechungeni oluhehayo lweziqephu eziyisithupha lokwembuleka komhlaba okufanayo nowakuleli kanye nomhlaba onamandla angaphezu kwawemvelo wonkulunkulu base-Afrika nezidalwa zaphezulu,” kumemezela i-Netflix esitatimendeni.

Umlingisikazi ohamba phambili uSthandile Nkosi ulingisa indawo kaNtsiki Gasa, ongaqondakali ophinde ashintshe abe umuntu ozimisele ngokuziphindiselela ngokushona kukadadewabo.

UGasa kumele abhekane “nesitha esinamandla nesizimisele”, uNomalanga Nkosi odlala indawo ka-Ayanda Mbatha.

UNkosi ubonakala esizana nomlingisi odumile uTony Kgoroge, odlala indawo kamyeni kalowo olingiswa uNkosi, uLuthando Mbatha, ochazwa njengomakhi “ongenanhliziyo” oqola abantu umhlaba.

“Ukuze anqobe izitha zakhe ezinkulu nokuthi asindise umndeni wakhe ekubhujisweni, uNtsiki kumele afunde ukusebenzisa amandla akhe amakhulu.”

UKgoroge akuyena yedwa oyilungu lomndeni wakhe kubalingisi, njengoba unkosikazi wakhe (20) uSthandiwe Kgoroge naye ethole isimemo sokudlala kulolu chungechunge oluyingqayezivele.

Ubuye walingisa kolunye uchungechunge olujabulisayo lwe-Netflix lwanyakenye i-Dead Places futhi ubuye waveza ukuthi kuthathe iminyaka emithathu ukwenza iziqephu eziyisithupha ezizayo ze-The Brave Ones.

“Umsebenzi omuhle wothando ovela kithi kwa-Netflix usithathe iminyaka emithathu ukuwenza. Ngethula kini ngokuziqhenya i-The Brave Ones,” kubhala uSthandile ekhasini lakhe laku-Instagram.

“Ngibusisekile futhi ngizizwa ngihloniphekile ukwethula kini lezi zindaba ezinhle mayelana nokhokho bethu neqhaza abalibamba ezimpilweni zethu,” engeza ngaphambi kokubonga abalingisi nomqondisi u-Omotoso ngokumethemba ngendawo ayilingisayo.

“Ngiyethemba futhi ngithandazela ukuthi nibone izinhliziyo zethu, izithukuthuku zegazi nezinyembezi kulo msebenzi wobuciko omuhle,” ephetha.

Izihloko zakamuva