Emasontweni ayishumi edlule, abantu baseMzansi bakhethe uShudufhadzo Musida njengentandokazi yabo ukunqoba umncintiswano ka-Miss South Africa.
Izolo ebusuku, ube esewina umncintiswano.
Mhla zinhlanu kuNcwaba, uShudufhadzo oneminyaka engama-24 wathumela futhi wabhala i-tweet ku-akhawunti yakhe ye-Twitter ethi-@abigailmusida, ebonga isizwe ngokumvotela:
“Ngijabule kakhulu ukunazisa ukuthi,ngiphumelele ekungeneni kowamanqamu ka-Miss SA kwabayi-10. Ngithole ukuthi, yimi owine ivoti lomphakathi. Ngibusisiwe kakhulu futhi ngibonga ngakho konke ukwesekwa.
Lolu hambo lube luhle futhi kuthathe isigodi sonke ukufika lapha, ngakho-ke ngiyabonga ngokuba yisigodi sami!”
Le ntombazane yase-Ha-Masia e-Limpopo ithathe isicoco somncintiswano ka-Miss South Africa kowezi-2020.
Eshiya uThato Mosehle endaweni yesibili kwathi uNatasha Joubert waba ngowesithathu.
UShudufhadzo uthweswe umqhele eKapa ngoMgqibelo ehhotela i-The Table Bay.
Njengompetha womncintiswano wonyaka wezi-2020, uzothola umklomelo wezigidi ezi-R3.
Owine u-Miss SA kowezi-2020:
● Uneziqu ze-Bachelor of Social Sciences in Philosophy, Politics and Economics – ayithola eNyuvesi yasePitoli
● Njengamanje wenza iziqu ze-BA Honours in International Relations eNyuvesi yase-Witwatersrand.
Abathathu abahambe phambili kulo mncintiswano, bazomela iNingizimu Afrika emincintiswaneni yamazwe omhlaba okubalwa kuwo u-Miss Universe ohlonishwa kakhulu owanqotshwa nyakenye ngu-Miss SA wonyaka wezi-2019, uZozibini Tunzi.
Isithombe: @Official_MissSA