U-MEC usolwa ngokushona kweziguli ezingu-141 eLife Esidimeni

Uphenyo lwasesibhedlela i-Life Esidimeni luthole ukuthi lowo owayenguNgqongqoshe wezeMpilo e-Gauteng uQedani Mahlangu kanye nowayeyinhloko yezempilo emkhakheni wezengqondo e-Gauteng uMakgabo Manamela yibona abanecala ekushoneni kweziguli ezigula ngengqondo ezingu-141 ngo-2016.

IJaji uMmonoa Teffo ukhiphe lesi sinqumo ngoLwesithathu.

“UNksz Mahlangu uqhubekile nokunqamula inkontileka phakathi kwesibhedlela i-Life Esidimeni Care Centre kanye noMnyango wezeMpilo e-Gauteng, naphezu kokuthola izeluleko eziningi zochwepheshe kanye nezixwayiso ezivela kochwepheshe bezempilo yengqondo nababambiqhaza,” kusho ijaji.

Uphenyo lubheke ukuthi ngabe ibuphi ubugebengu obenzeka ngokushona kweziguli ngemuva kokuthi uMnyango wezeMpilo e-Gauteng unqamule inkontileka yawo nesibhedlela i-Life Esidimeni. 

Ngemuva kokunqanyulwa kwenkontileka, iziguli zayiswa kuma-NGO angenazo izinsizakusebenza.

Phakathi kukaNhlaba noNhlangulana 2016, iziguli ezingu-1,300 zalayishwa emabhasini noma emavenini, ziyiswa kulezi zindawo ngaphandle kwezimpahla zazo ezifana nezicathulo noma amarekhodi okwelashwa.

“UDkt Manamela uqhubekile nokwenza lolu hlelo engahambisani nezeluleko zongoti. Ubengasindisa izimpilo eziningi njengoba wayevakashela izinhlangano ezizimele futhi ebona ukuthi azinazo izinsiza ezanele, nabasebenzi babengafanelekile ukunakekela iziguli,” kusho iJaji Teffo.

OwayenguNdunankulu wase-Gauteng, uDavid Makhura, uthe akazi ukuthi iziguli zagcina zifike kanjani ezikhungweni ezizimele lapho ezishonele khona. 

Nokho uMahlangu uveze ukuthi lesi sinqumo sathathwa yikomidi lesabelomali lesifundazwe eliholwa nguMakhura futhi unolwazi olunzulu ngalesi simo.

UMahlangu uthe: “Ngaso sonke isikhathi undunankulu wayeba nesandla ngesikhathi kuthathwa isinqumo ngesibhedlela i-Life Esidimeni.  Ubekwazi kahle okwenzeka emnyangweni.”

Uphinde wavuma ukuthi azibanga bikho izingxoxo zomthetho ngaphambi kokunqanyulwa kwenkontileka yase-Life Esidimeni, njengoba kumele kwenziwe ngokomthetho kahulumeni. 

Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff

Osesithombeni ngenhla: UQedani Mahlangu. 

Umthombo: X

Izihloko zakamuva