U-MEC Buthelezi uhoxisa ukubopha uzakwabi uNomagugu Simelane-Mngadi

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Ingxabano edonse isikhathi eside phakathi kukaMfundisi Thulasizwe Buthelezi we-IFP noNgqongqoshe wezeMpilo eKZN, uNkk Nomagugu Simelane-Mngadi we-ANC isigcine ngokuxazululwa ngaphandle kwenkantolo.

UButhelezi onguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kanye noNdunankulu wesizwe samaZulu, ubemangalele uNkk Simelane-Mngadi efuna u-R10-million mayelana nokuphawula kwakhe ngaye ngesikhathi kunomhlangano we-ANC eVryheid ngaphambi kokhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba.

UButhelezi uziphikile lezi zinsolo futhi wafuna isinxephezelo, ethi wonakalise igama lakhe elihle.

Nokho laba bobabili, asebesebenza kuHulumeni woBumbano lwesiFundazwe, oholwa nguNdunankulu uThami Ntuli, baluxazulule lolu daba base beluhoxisa eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.

“Ngiyacela ukunazisa ukuthi ummangali (Buthelezi) uyasihoxisa isenzo sakhe sommangalelwa (Simelane-Mngadi), seluqediwe udaba,” sifundeka kanjalo isaziso sokuhoxa emarekhodini asenkantolo.

Isaziso esangomhlaka-25 kuNhlangulana ka-2024, okusho ukuthi sigxivizwe yinkantolo ngesikhathi iKhabhinethi yethulwa kwiSilo uMisuzulu kaZwelithini oLundi ngoLwesibili.
UButhelezi ukuqinisekisile okwenzekile, kanti uSimelane-Mngadi akakwazanga ukuphawula.

Lesi senzo sakamuva silandela esinye lapho uButhelezi ethelelane khona amanzi noMnuz Siboniso Duma onguSihlalo we-ANC esifundazweni ophinde abe nguNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu kuHulumeni woBumbano wesiFundazwe.

Ngaphambi kokuthelelana amanzi, uDuma waphonsele inselelo ukuqokwa kukaButhelezi njengoNdunankulu weSilo uMisuzulu ngoMasingaba nonyaka.

Ngokuhamba kwesikhathi ngoNdasa, uDuma wahlwitha umbhobho kuButhelezi ngesikhathi kunomcimbi wasebukhosini KwaCeza, lokho kwaqhekeza ubudlelwane babo.

Esithombeni esingenhla: UButhelezi (kwesokunxele) noSimelane-Mngadi (kwesokudla) sebeyixazululile impi yabo yezomthetho.

Umthombo: Sihle Mavuso

Izihloko zakamuva